RABBIE SERUMULA
IZOLO izakhamuzi zaseDiepkloof zishaye ezidume ngakho ngesikhathi zimisa yonke into emgwaqweni zibhikishela indaba yezindlu.
Ngonyaka odlule zona lezi zakhamuzi zenza esifanayo ngesikhathi zidunusa emgwaqweni zikhala ngohlelo lwamathoyilethe.
Okuzicasule kakhulu wuhlelo lokwakhiwa kwezindlu oludle izinkulungwane zamarandi njengoba kwakhiwe izindlu ezingu-84 kodwa kumanje akucaci ngazo. Kuze kube yimanje akukahlali muntu kuzona kusukela zakhiwa ngo-2011 yize abahlali basehostela besahlala kabuhlungu. Bakhala nangokuthi kwesinye isikhathi indle ihlala emabhakedeni ingathuthwa.
Izolo bavele bavala umgwaqo uChris Hani, eSoweto okungumgwaqo omatasatasa. Bashise amathayi babheka namatshe emgwaqweni befuna izimpendulo.
NgoJuni nyakenye, isithombe sikaNomathemba Hlongwane edunusa sasabalala izwe lonke.
Iphephandaba i The Star labika ukuthi uNothemba nabanye abahlala ehostela eDiepkloof babekala ngesimo senhlalo yize kunezindlu ezakhiwe kodwa ezingahlali muntu.
Yize lezi zindlu zinamathoyilethe kodwa uNomathemba nabanye bayaphoqeleka ukuthi bazikhulule emabhakedeni futhi bahlala endlini ebukeka ingawa noma yinini.
Izolo amaphoyisa avulele isisi esikhalisa unyembezi esixukwini ebesibhikisha aphinde avulela ngenhlamvu yenjoloba. Imizamo yamaphoyisa ayenzanga mehluko njengoba isixuku siqhubekile nokubhikisha. Lo mbhikisho ususwe yisinqumo soMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu ngesikhathi ufaka imindeni emine ezindlini ezintsha ekubeni kunenqwaba yabantu egaqele ukungena kuzona ehlala ehostela.
Le mindeni emine efakiwe ibisuka elokishini.
Ugcine usuhoxiswa umcimbi wokuvulwa kwalezi zindlu ngokusemthethweni kodwa ngemuva kwamahora ambalwa kwenzeka omunye umcimbi ofuze lo ehostela labesifazane e-Orlando West lapho imindeni emine ingene emaflethini akhokhelwayo kahulumeni.
Ikhansela Dan Bovu osekomitini leMeya okuyilona elibhekele ukunikezelwa kwezindlu, linike imindeni emine okhiye bezindlu.
Umholi wabahlala ehostela laseDiepkloof uMnuz Sibongiseni Khoza, uthe uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu ufuna abangena kulezi zindlu bakhokhe.
“Abantu abahlala ehostela abasebenzi futhi kule mindeni eyisishiyagalombili efakwe kulezi zindlu mine ebihlala ehostela. Sesihlale la iminyaka eminingi kabi kodwa asinakwa isimo sethu senhlalo. Sisasebenzisa amabhakede uma sifuna ukuzikhulula manje sebefuna sikhokhele lezi zindlu,’’ kusho uKhoza.
Okhulumela umnyango uDikeledi Mashile, ukuchithile okushiwo wuKhoza wathi izindlu ezikhona okwamanje ngeziqashisayo. Uthe abahlala ehostela kodwa abangasebenzi bazothola izindlu zomxhaso.
“Abantu basehostela abafuni sinike izindlu abangahlali ehostela kodwa sinalo uhlelo esizosebenza ngalo.’’