BONISWA MOHALE
B ASAZOTOKA abesifazane abathathu abasolwa ngokushushumbisa ingane base beyidayisa ngo-R5 000 kanjalo nabashadile abayithenga.
Ngokukamshushisi uNksz Yugs Manickum, abasolwa uNkk Nokuzola Msweli (48) waseNtshanga, Nkk Sibongile Ndimande (41) waseTin Town, Nkk Thembi Cele (42) waseMalukazi nabashadile uNkk Catherine Ramlatchman (36) noMnuz Rajandra Ramlatchman (38) banecala lokushushumbisa ingane nokuyidayisa kanti ababili okusazocaciswa ukuthi ngobani banecala lokuthumba ingane yomfana.
Uthe umsolwa wokuqala nowesibili bazenza osonhlalakahle abazosiza unina womfana ababezwile ukuthi akasebenzi uNksz Tania Sewpersad (27).
Kuthiwa bahamba naye ngemoto maqede bamthuma ukuyothenga ijusi ePinetown. Waphuma emotweni wabuya isihambile.
Kwabikelwa amaphoyisa asePinetown aqala uphenyo ngo-Okthoba ngonyaka odlule abasolwa baze baboshwa kuleli sonto.
UNksz Manickum uthe akafuni abasolwa bathole ibheyili ngoba kusekhona uphenyo okumele lwenziwe ngamaphoyisa aqinisekise amakheli alapho behlala khona.
Ummeli wabasolwa abathathu uNksz Zinhle Mashaba, ucele ukuthi inkantolo ingalihlehliseli isikhathi esikude icala ngoba kade lwaqala uphenyo futhi nabo sebenesikhathi betokile.
Imantshi uNkk A Kistern imtshele ukuthi basatoke izinsukwana njengoba beboshwe kuleli sonto.
Ummeli wabashadile uNkk Arvina Haricharand uthe inkantolo kumele ibazwele ngoba babambisene namaphoyisa, umyeni uze wazinikela emuva kokuboshwa komkakhe.
Uthe inkantolo kumele ibaphathe kahle ngoba necala bazolivuma ngakho ibheyili ingabekwa ku-R5 000 kuya ku-R10 000 ibe nemibandela futhi bahlala eduze kwesiteshi samaphoyisa esisePhoyinti lapho bengayozibika khona kanye ngosuku.
Imantshi ivele yathi uyinyathele emsileni uma ethi bazolivuma icala ngoba lokhu kusho ukuthi inkantolo ayingabe isabubheka ubumsulwa babo ngakho-ke basazotoka ibheyili bazoze bayicele ngoMashi 9.
Bazogcinwa ezitokisini zasePinetown ukuze babe seduze nomphenyi wecala.
Abazali bengane uNksz Tania Sewpersad noMnuz Hasan Moosa baseTshelimnyama bathe bajabule ukuthi ingane yabo isitholakale yize kubuhlungu ukuthi abasolwa bayishushumbisa bathola u-R5 000 ne-heater.
Engxoxweni ekhethekile ne Solezwe, uMoosa uthe elinye igama lakhe nguKhayelihle kodwa wakhula ebiza isibongo sakwaMoosa.
“Ngiyajabula ukuthi ingane yami itholakele ngoba bayithatha inezinyanga eziyisishiyagalombili manje inezingu-11 njengoba isitholakele. Siyabonga ukuthi amaphoyisa alusukumele udaba lwethu kwaze kwaboshwa abashushumbisa izingane. Siyathemba ukuthi imantshi izokhipha isigwebo esiqinile babhadle iminyaka ejele ngesenzo sabo,” kusho uMoosa.
Uthe bahlangana esitolo kwaQuality benoNksz Sewpersad lapho ayeshaya khona umshini yena efaka amanani empahleni yasesitolo. Banezingane ezine zabafana, eneminyaka eyisithupha, enemithathu, enezinyanga ezingu-11 ebilahlekile nosana olunezinsuku ezimbili.
UMoosa ungumakhi kanti owakwakhe usafuna amatoho. Bathe bahlela ukushada ngoDisemba nonyaka.