BONGANI HANS
I ZINHLANGANO ezibhekele amalungelo abesifazane nezingane seziphawule ngezindlela ezihlukene ngesitatimende seSilo samabandla uGoodwill Zwelithini ( osesithombeni) lapho ebesika khona elijikayo ngomthetho iRecognition of Customary Marriages Act okuwumthetho onqinda amandla abesilisa ukuba baganwe amakhosikazi ongaphezu kweyodwa ngaphandle kokuba inkosikazi endala ibhale phansi ikuvuma lokho.
Siphawula ngalo mthetho ngeledlule, iSilo sithe uhulumeni uwuphasisile ngaphandle kokuxhumana nabaholi bomdabu, njengoba kuyimiphakathi esezindaweni zamakhosi ezothinteka ngalo mthetho.
“Kafushane lo mthetho ubalula ukuthi uma indoda yomdabu ifuna ukuthatha isithembu, kumele iqale ithole ilungelo kunkosikazi wokuqala futhi lokho akubhale phansi.
“NjengomZulu angikaze ngiyizwe le nto selokhu kwathi nhlo,” kusho iSilo.
Enkulumweni yaso siphonsele inselelo uhulumeni ukuba awubuyekeze ngokushesha lo mthetho ngokuba axhumane naye kanye nabaholi bendabuko.
“Uma singavumelani ngalo mthetho, sizocela nokungenelela kweNkantolo yoMthethosisekelo,” kucacisa iSilo.
Sibuye sathi lo mthetho unika inkosikazi yokuqala amandla amakhulu uma kuziwa ngasezintweni ezithinta umuzi uma kwenzeka indoda ishona.
Nakuba iSilo siwuncoma umthethosisekelo ngokuvikela abaholi bendabuko, kodwa sithi umthetho iRecognition of Customary Marriages Act ungeminye yemithetho ethinta ngqo ubuholi bendabuko uhulumeni ayiphasisa ngaphandle kokuxhumana nabaholi bendabuko.
“NjengoZulu asizange sithintwe, kodwa kwalalelwa imibono yabafunde kakhulu,” kusho iSilo. Siqhuba sithe labo amasiko akwaZulu bawazi ngokuwafunda ezincwadini.
Sigxeke uhulumeni ngokubeka phambili isiNgisi kanye namasiko ezizwe ezincane ngaphezu kwabantu abawumsinsi wokuzimilela.
Ephawula ngenkulumo yeSilo okhulumela iCommission for Gender Equality uMnuz Javu Baloyi, uthe lo mthetho akumele kube khona abagxambukela kuwona ngoba uvikela abesifazane abashadile. Uthe indoda efuna ukuthatha inkosikazi yesibili kumele ikuveze lokho ekuqaleni kobudlelwano nenkosikazi.
UMqondisi weWomen and Men Against Child Abuse uNkk Vincentia Dlamini-Ngobese uthe abantu baseNingizimu Afrika akumele bavumele izwe ukuba libuyele emuva.
“Njengoba kunodaba oluthinta nezempilo nokuya kwabantu ocansini, kumele uma idingidwa le ndaba kubhekwe nokuvikeleka kwabesifazane,” kusho yena.
Isazi esizimele esilwela amalungelo abesifazane uNkk Kubi Rama sichaze isithembu njengento engenabo ubulungiswa kowesifazane. Sithe kumele engabe balwa nokuthi isithembu siqedwe.