BONISWA MOHALE
K UVUNGAME abantu izolo ezinkundleni zokuxhumana bebabaza uhlelo olusha lobuchwepheshe besimanje lokubala lweluleke ukuthi kufanele ulobole ngamalini.
Le ndlela yokubala ilobolo ukwazi ukuyisebenzisa kwiselula ngokuthi ufake (download) i-application (app) ebizwa ngeLobola Calculator esungulwe yinsizwa yaseGoli uRobert Matsaneng, oyisazi kwezobuchwepheshe bamakhompyutha.
Le app itholakala kumaselula ane-android kanti kusanezinhlelo zokuthi itholakale nakwiBlackBerry nakwi-iPhone.
Ngesikhathi Isolezwe lithinta amahhovisi enkampani uMatsaneng ayisebenzelayo, iDigital Peppa, litshelwe ukuthi usamatasa.
I-website imchaze njengomuntu othuthukisa ezobuchwepheshe futhi obhekelele kakhulu obuhambisana ne-android.
Ephephandabeni i The Times ucashunwe ethi le app uyisungule ngoba efuna ukusiza abesilisa ukuthi bazi ukuthi kumele balungise malini uma befuna ukuyoloba, iphinde isize nalabo abacabanga ukuthi babizwe kakhulu kunokufanele.
Le app ibuza umuntu ubulili, iminyaka, izinga lemfundo, wukuthi ngabe uyasebenza, unazo izingane, wake washada, ubukeka kanjani, isisindo somzimba nobude, ibe isimnikeza imiphumela.
Owesifazane onezingane futhi ogcine ka-matric noma angamuhle kanjani ilobolo lakhe ngu-R5 000 bese kuthi owesifazane ofunde enyuvesi, ongenangane omuhle abe sethubeni lokutholela umndeni izinkomo eziyishumi kuya phezulu noma u-R82 000 uma kungukheshi.
Yize abantu beyijabulele le app, izazi zamasiko uSolwazi Jabulani Maphalala noNkk Nomagugu Ngobese ziyigxekile.
UNkk Ngobese uvele wahleka wabuza intatheli ukuthi kulaphi lapho kwenziwa khona lo mkhuba we-app egxambukela esikweni labantu?
“Ngaphansi kwenkolelo yesintu ilobolo lenziwa ngoba kwakhiwa ubuhlobo obuhle futhi umkhwenyana wayekhipha lokho okungangamandla akhe. Asikho isibalo sezinkomo esasibekiwe noma isamba semali. Lokhu osekwenziwa manje kuphambene nenkolo yesintu futhi kugqugquzela ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane ngoba bathi sebegana uthole ukuthi umakoti akathandwa muntu ekhaya ngoba kwadayiswa yonke into kunikwa umndeni wakhe ilobolo,” kusho uNkk Ngobese.
Uthe okwe-app etshela abantu ngelobolo kuyihlazo akuhlangani nje nosiko lwesintu.
USolwazi Maphalala uthe lokhu kuyinganekwane ngoba ilobolo lakha ubuhlobo obuhle futhi abakwamkhwenyana bathumela umkhongi, manje uma abantu sebebheka ama-app, abadala bazoxoxa nobani?
Ugqugquzele abantu ukuba balazi ilobolo ukuba liyini ngaphambi kokubheka ama-app kumaselula ngoba libalulekile enkolweni yesintu futhi alimbi eqolo njengoba sekwenziwa manje.
“Abadala kabafundile abawazi uTwitter noFacebook nama-app, ilobolo yinto endala engeke ishintshe. Abantu kumele baliqonde ilobolo baliqhube ngokwesintu bayeke lokhu okuyimikhuba kokubiza izinkomo eziningi ngoba izingane zethu zigcina zikipite nabafana ngenxa yokushintsha kwethu izinto,” kweluleka uSolwazi Maphalala.