BONGANI HANS
I-DA isinxuse uMengameli Jacob Zuma ukuthi angavumi ukusizwa ngabantu kodwa azikhokhele yonke imali ayikweletayo eyasetshenziswa ngesikhathi kuqiniswa ezokuphepha emzini wakhe eNkandla.
Kodwa i-EFF yona ithi uZuma kumele avume ukuthi uyathinteka ekunyusweni kwezindleko abhekane namacala enkohlakalo.
La maqembu aphawule kanje kulandela ukuphumela obala kwenjinga yaseGreytown uMnuz Philani Mavundla ukuthi uzokhokha ingxenye ka-R246 million owasebenza emzini kaZuma.
“UMengameli Zuma akanqabe ukuthi uMavundla amkhokhele ingxenye yemali yomphakathi kodwa ikhokhwe nguyena,” kusho uSihlalo we-DA Federal Executive uMnuz James Selfe.
Imibiko yayizolo iveze ukuthi uMavundla, onenkampani yezokwakha i-PG Mavundla Engineering izolinda ukuzwa ukuthi malini ekweletwa nguZuma ukuze imqoqele imali yokuyikhokha.
UMavundla owayeyiMeya yaseMvoti, uthe yena nabanye osomabhizinisi bazoyikhokha le mali ngoba uZuma akenzanga lutho.
Umgqugquzeli we-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Vukani Ndlovu, uthe uMavundla akangayingeni le ndaba kodwa uZuma kumele avume amacala akhe.
“Akukhona kuphela ukukhokhela uZuma. Uma uZuma engavumi ubani ongamkhokhela? Uma evuma ukuthi uyathinteka ekusebenziseni imali yzomphakathi kumele abekwe icala lenkohlakalo,” kusho uNdlovu.
Usole uMavundla ngokusebenzisa imali yamathenda awathola kuMasipala waseMvoti ukuze akhokhele uZuma.
UMavundla, uthe ongqongqoshe nabasebenzi bakahulumeni okumele bagxekwe ngendaba yaseNkandla.
“Sibaningi, asibona nje oqhibukhowe siyazi ukuthi senzani. Siyiqembu losomabhizinisi abanamava,” kusho uMavundla.
Ephendula ezinsolweni zokuthi usebenzisa imali yamathenda ayithola eMvoti, uthe ucebe kabi ukuthi angasebenzisa imali kamasipala.
“Kufana nokuthi uthi uPick and Pay uthenga izinto e-tuck shop. UMvoti ufana ne-tuck shop kanti angiwenzi umsebenzi nomasipala. Ngesikhathi ngiseyimeya angamukelanga ngisho umholo futhi ngangisebenzisa izimoto zami ukwenza umsebenzi womkhandlu.”
Khonamanjalo uZuma izolo umemezele ukusungulwa kwethimba lokucobelelana ngolwazi phakathi kukahulumeni nabezindaba.
“Ziningi izinto esingazixoxa kusuka ezinguqukweni ezithinta abezindaba nokuthi bangasiza kanjani ekunyuseni umnotho ngo-2019,” kusho uZuma izolo.
UZuma ubekhuluma nabezindaba ePitoli izolo njengoba bekugujwa iminyaka engu-20 kwatholakala inkululeko kuleli.
Unxuse ukuthi kule minyaka engu-20 akusetshenziswane kusatshalaliswe ulwazi olulungele umphakathi.
Ngo-Okthoba 19, okwakuwuLwesithathu ngo-1977, umbuso wobandlululo wavala amaphepha amabili i- The World ne Weekend World. Kwaboshwa izintatheli nabahleli ababelwisana nobandlululo.