LUNGILE MAJOKA
UKUNGENA kuma-Olympic, aseRio de Janeiro, eBrazil, ngonyaka ozayo ngeke kube wukufezeka kwephupho labadlali beBanyana Banyana kuphela kodwa kungasiza ekufukuleni indlela ibhola labesifazane eliphethwe ngayo eNingizimu Afrika.
Lona ngumbono womdlali weqembu lesizwe, u-Amanda Dlamini, othe njengabadlali bamanje beBanyana bazibona behlalelwe yijoka lokuphendula indlela elibukwa ngayo ibhola labesifazane.
IBanyana eqale ikhempu ngoMsombuluko eGoli izodudulana ne-Equatorial Guinea ngoMgqibelo eMakhulong Stadium, eTembisa, ngo-3 ntambama emdlalweni womlenze wokuqala womzuliswano wokugcina wokuhlungela ama-Olympic. Umlenze wesibili uzoba sekuhambeni emasontweni amabili ezayo.
Ukunqoba kwelakuleli kuzosho ukuzibekisela indawo kule midlalo okuzobe kungokwesibili kulandelana njengoba lalikhona emidlalweni yaseLondon, e-England ngo-2012. Amanye amaqembu asele kweyokuhlunga yiCameroon ezodlala neZimbabwe.
“Kade kwaqala kukhulunywa ngokuthi kube neligi esesigabeni esiphezulu yabesifazane kodwa lutho. Ngakho kusukela ngo-2010 sazibophezela njengabadlali ukuthi sizolwela ukungena emiqhudelwaneni emikhulu okungenzeka kushintshe indlela elibukwa ngayo ibhola lethu. Siya kulo mdlalo sinengcindezi engaveli kwabanye abantu kodwa esizilethele yona thina ngokukubeka ezandleni zethu ukuthi siye kuma-Olympic ukuze kube noshintsho endleleni okuphethwe ngayo ibhola labesifazane. Mhlawumbe kuzobonakala ukuthi sizimisele kwenzeke nomehluko yize ngokwemali imihlomulo ingemikhulu,” kusho uDlamini owayengukaputeni ngesikhathi iqembu lidlala eLondon.
Kulo nyaka iBanyana iphuthwe yiNdebe yoMhlaba ebiseCanada ngoJuni. Yize yangena kuma-All Africa Games abeseCongo Brazzaville ekuqaleni kwenyanga kodwa yaphuma kweyamaqoqo ngemuva kokuthi kutonyulwe iGhana ukuthi kube yiyona edlulela phambili ngoba babelingana nayo ngamaphuzu.
“Yaba buhlungu indlela esaphuma ngayo kuma-All Africa Games. Manje sesifuna amandla okugcina. Kuyohlezi kunzima ukudlala nabo (Equatorial Guinea) njengoba iningi labadlali babo bengabaseBrazil nasePortugal. Kodwa akufanele sikufake emiqondweni lokho. Kumele sizitshele ukuthi nathi singabadlali njengabo. Ngiyabethemba ozakwethu ukuthi sizomelana nabo ngale kokubabukela phansi. Ngemuva kokuba nonyaka ongemuhle, lesi yisikhathi sokuthi sizijabulise thina ngokuthi sidlulele phambili,” kusho uDlamini.
I-Equatorial Guinea inomkhuba wokunikeza abadlali bangaphandle ubuzwe ibagixabeze nangemali ukuze badlalele amaqembu esizwe.
IBanyana ihlule iGabon neKenya njengoba isizodlala ne-Equatorial Guinea edlule kuCongo neNigeria. La maqembu aseke abhekana ku-African Women Championship lapho elakuleli lahlulwa kowamanqamu ngo 4-0 ngo-2012.