MHLENGI SHANGASE
S EKUYOPHELA isonto kuphazamisekile ukufunda emakolishi amabili eThekwini, iCoastal College ophikweni lwaseMbumbulu, KwaMakhutha naseThekwini College, eSydenham njengoba abafundi bekhala ngokungaziswa lutho mayelana nokuxhaswa ngemali yisikhwama iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS).
E-Coastal abafundi bakhala ngokuthi batshelwa ukuthi kumele bakhokhele izindawo zokuhlala ekubeni bazi ukuthi abakhokhi ngoba baxhaswe wuNSFAS.
Kulabo abenza uhhafu wonyaka bathe batshelwe ukuthi kumele kushaye uJuni sebekhokhe u-R9 000 wezindawo zokuhlala noma ngeke babhale.
UMnuz Welani Mazibuko, ongumgcinimafa weSasco kuleli kolishi, uthe ababhalisele unyaka kuthiwa abakhokhe u-R18 000 ungakapheli uNovemba uma kungenjalo ngeke babhale.
Uthe badidekile ngoba bazi ukuthi uma ufake isicelo sokuxhaswa usuke ungenayo imali yokukhokha ngakho abazi bazoyithathaphi le mali.
Abafundi abaningi abafunda emakolishi ama-Technical and Vocational Education and Training (TVET) abaxhaswe nguNSFAS bafunda bhusende.
“Asisazi ngoba noma sifuna uhlu lwabafundi abaxhasiwe yilesi sikhwama asilutholi. Asazi noma sixhasiwe noma asixhaswanga kodwa kufunwa imali size sibekelwe umnqamulajuqu wokuthi uma kushaya uJuni singakhokhile labo abenza i-semester ngeke babhale,” usho kanje.
Uthe kunabafundi abasuka eBulwer abenza imikhakha ehlukene abathenjiswa izindawo zokuhlala kodwa abagcine sebehlala emqashweni.
“Laba bafundi kwathiwa bazoxhaswa ngayo yonke into okuyindawo yokuhlala, imali yokufunda, ukudla kodwa manje akusenzeki. Abazali bazi ukuthi bafunda mahhala kanti bahlala emqashweni ngoba bengayitholanga indawo yokuhlala bakhokha o-R350 abanakho nokudla,” usho kanje.
EThekwini College khona abafundi bakhala ngokungaziswa ngokuxhaswa nguNSFAS kanti bakhala nangokuthi bayacwaswa.
Omunye wabafundi okhulume ne Solezwe, uthe abafundisayo babacwasa ngokwebala wathi sekuzophela isonto kungafundwa kuleli kolishi.
Okhulumela uMnyango weMfundo ePhakeme, uMnuz Khaye Nkwanyana, uthe sebezwile ngesiteleka sabafundi baseCoastal wathi balusukumele lolu daba.
“Sisathola ulwazi kumphathi wekolishi ngoba uma uxhaswe nguNSFAS awukhokhi ngisho elimnyama isenti. Lesi sikhwama sixhasa labo abahlwempu ngakho ngeke bese bekhokhiswa futhi,” usho kanje.