THEMBA NTSHINGILA
SEZIPHENDUKE ondingasithebeni izingane ezashonelwa nguyise ezikhishwe endlini ngunina ongazizali ngoba ethi ufuna ukudayisa umuzi phezu kokuthi incwadi yefa ivuna zona izingane njengabanikazi bomuzi.
UMnuz Nathi Dladla obehlala nezingane zikamfowabo ezintathu kulo muzi osePhoenix, uthe bakhishwe emzini kamfowabo okule ndawo phezu kokuba ubufakazi bukhona encwadini yefa bokuthi izingane zikamfowabo yizona ezinelungelo njengabanikazi bomuzi.
Ngenkathi Isolezwe lifika kule ndawo bekunemibhede, amafriji nenye impahla yasendlini ebisemnyango okuthiwa yakhishwa yisikhonzi senkantolo.
Ngokusho kwakhe, emva kokushona kukamfowabo owayeyisosha ngo-2008, unkosikazi kamfowabo wahamba sengathi uyabuya kanti useyothenga omunye umuzi eMlazi ngemali kamfowabo eyaphuma emsebenzini.
Uthe yonke le minyaka kade kuhlala yena nezingane zikamfowabo kulo muzi kwaze kwaba yilo nyaka.
Uthe unkosikazi kamfowabo ufike esehamba nabantu angabazi bezobakhiphela ngaphandle komuzi nezimpahla zabo.
“Le nto isihlukumeze kakhulu kangangoba enye yezingane zikamfowethu eyintombazane, yavele yaduka emva kokuba sikhishiwe kulo muzi kamfowethu. Kuyimanje asiyazi ukuthi ikuziphi izinkalo,” kuchaza uDladla othe usola ukuthi ingane yahluleka wukumelana nenhlalo yokulala ngaphandle kwesango nokuhamba ucela emizini yabantu.
Uthe kuyimanje akukhathaleki ukuthi liyana noma cha, balala kumatrasi ongaphandle kwesango bazimboze ngoseyili ngoba akubona bonke abantu abazwelana nabo ngosizi ababhekene nalo.
Kuyimanje uthe kukhona onogada abaqaphe umuzi abenza isiqiniseko sokuthi akekho ongena ngaphakathi.
“Nomfana kamfowethu njengoba ekhala nje uhlukumezekile ngenxa yalesi simo. Bekumele ngabe usesikoleni kodwa akakwazi ukuya ngoba ayikho indawo ehlelekile angahlala kuyona njengoba siphinde sicele ukulala emizini yabantu,” uzikhalele kanje.
Kuyimanje uthe bagqigqa ezinkantolo nasemaphoyiseni benza izincwadi ezifungelwe eziqinisekisa ukuthi incwadi yefa abanayo isemthethweni.
UNkk Zandile Dladla okuthiwa ukhiphe izingane kulo muzi ucele ukuba kukhulunywe nommeli wakhe.
“Cha mina bhuti ngeke ngikwazi ukukhuluma ngalolu daba. Kungcono uthinte ummeli wami.”
UMnuz Anesh Maharaj uthe yinkantolo eyakhipha isinqumo sokuba bakhishwe abasendlini ngoba behluleka ukukhombisa incwadi yefa yangempela.
“Ngabatshela ukuthi abalethe incwadi yefa yangempela kimina noma bayihambise enkantolo. Kuze kube manje abazange bakwenze lokho. Njengamanje akuhlali muntu endlini kuze kube kuvela leyo ncwadi engeyona ifothokhophi,” kusho uMaharaj.