NONTUTHUKO NGUBANE
U PHITHENE amakhanda umndeni wakwaZondi epulazini eliseHowick ngaseMgungundlovu emuva kokubhidlizwa komuzi, okusolwa umalume ngesigameko.
Lo mndeni onamalungu ayisikhombisa okubalwa nengane eneminyaka emibili, usuhamba uquba komakhelwane kusukela ngoLwesihlanu olwedlule.
Kuthiwa uMnuz John Zondi wafika nesagila waphihliza wonke umuzi. Lokhu kwenzeka phambi kukaNkk Elizabeth Zondi (65), nomzukulu oneminyaka emibili.
Okhulumela umndeni uMnuz Siyabonga Zondi (26) uthe wafica unina esehlezi emnyango.
“Sisangene asazi kumele senzenjani. Salala emnyango ngelanga lesigameko sabuye sacela komakhelwane nasezihlotsheni ukucushiswa.
“Umalume ufike wagqekeza zonke izindlu, akazange abeke isizathu ngokubhidliza kwakhe kodwa sisola ukuthi ufuna imali kumnikazi wepulazi ngenxa yesethembiso esenziwa ngabadala,” kusho uMnuz Zondi.
Kulo muzi kudilizwe izindlu ezintathu, eyokuqala enamagumbi amahlanu, enye inamagumbi amabili okulala nekhishi bese kuba yindlu enkulu eyikhishi. Leli pulazi kwakungelomlungu walidayisela uMnuz Thulani Ndlela weBusiness Zone.
UMnuz Ndlela ethintwa ngalolu daba uthe naye washaqeka uma “umalume” ediliza umuzi ngoba akazange awuxoshe lo mndeni epulazini lakhe.
“Anginankinga nalo mndeni ukuba uhlale lapha kuze kube bathola indawo. Nami ngafonelwa ngatshelwa ukuthi umalume ungene epulazini lami ngaphandle kwemvume wadiliza zonke izindlu.
“Ngafika ngabona ugogo nengane sebehlezi emnyango.
“Ngicabanga ukuthi okususe umsindo yimali abathenjiswa yona wumlungu owangidayisela ipulazi.
“Baba nesivumelwano ngemali engingayazi, wathi uzobanikeza uhhafu wokwakhwa indlu kwenye indawo, bese kuthi uhhafu abanikeze uma sebehamba epulazini, sebedilize konke,” kusho uNdlela.
Uthe uyafisa ukusiza lo mndeni osusele wodwa kuleli pulazi osuhlale kulo iminyaka engaphezu kuka-30.
Amaphoyisa angavumelekile ukuphawula kwabezindaba athe ayalwazi udaba kodwa akukho cala elisavuliwe.
Umndeni uthe uye esiteshini samaphoyisa eHowick ufuna ukuvula icala kodwa bathi kumele balungise udaba njengomndeni.
Imizamo yokuthola umalume wakwaZondi ayizange iphumelele.