MLUNGISI GUMEDE
I QULU labantu ababesebenza e-Apollo Tyres Pty (LTD) abadilizwa ngonyaka odlule izolo bagasele enkampanini yabo bafika bashisa amathayi ngaphandle kwamasango befuna u-R20 million abathenjiswa wona wesinxephezelo kulandela ukuxoshwa.
Baqale ngokuba nomhlangano abavumelane kuwona ngokuthi bayoshisa amathayi ngaphandle kwesango le nkampani. Kuze kwabizwa amaphoyisa ngoba bese bephazamisa nokuhamba kwezimoto emgwaqweni.
Bathi bezwe ngandlebenye ukuthi inkampani iyathutha njengoba isivaliwe base bebona ukuthi izohamba ingabanikile imali yabo.
Omele laba basebenzi abadilizwa uMnuz Simiso Mkhize uthe into ebakhathazayo wukuthi inkampani izothutha manje kodwa imali yabo kayiphumile.
“Ngesikhathi sidilizwa emsebenzini kwavunyelwana ngokuthi kukhona uR20 million esizonxeshezelwa ngawo manje sizwa kuthiwa imali izofakwa kwi-trust akhawunti ezosingathwa yinyunyana yethu iNumsa. Thina singabasebenzi asihambisani nalokho sifuna ukuthi imali ifakwe kuma-akhawunti ethu ngqo,” usho kanje.
UMkhize uthe abakaze bezwe kuthiwa inyunyana ikhokhela abasebenzi. Uthe inkampani yabanxephezela ngokuba xosha kodwa kwaba nalo R20 million osele okumele bahlukaniselane wona.
“Abasebenzi okumela bahlukaniselane lemali bangaphezu kuka 400, umsebenzi ngamunye kulindeleke ukuba athola imali elinganiselwa ku-R45 000 kuya phezulu,” usho kanje.
Omunye umholi wabo uMnuz Mbuso Gumede uthe abazi ukuthi yini ebambe imali ukuthi iphume.
“Sitshelwa izinto eziningi kanti nenkampani iyahamba siyabona ukuthi singase sigcine singayitholanga le mali uma singasukumi,” usho kanje.
Uthe bazophinde babambe omunye omhlangano ngesonto elizayo lapho bezothatha khona isinqumo sokuthi yisiphi esinyathelo esizolandela.
Esinye sezikhulu kwa-Apollo Tyres Africa Pty Ltd uMnuz Manish Bhatia sithe abasebenzi banikwa isexwayiso sokuthi inkampani izovalwa ngokwesigaba somthetho wabasebenzi u-section 189A weLabour Relations Act 66 yango-1995 ngo-Sephthemba nyakenye.
“Izingxoxo zenziwa phakathi kwabaqashi nenyunyana yabasebenzi iNumsa, izingxoxo zize zafinyelela ekutheni kunqunywe inani labasebenzi abazodilizwa ngoNovemba 30, 2014,” usho kanje.
UBhatia uthe kwavunyelwana ngokuthi abasebenzi bazoyithola kanjani imali yabo njengoba bonke bekutholile okungokwabo.
“Kwavunyelwana ngokuthi kunoR20 million ozofakwa kwi-trust esazosungulwa ilawulwe yiNumsa,” usho kanje.
Uthe abasebenzi baphakamise ukuthi imali ifakwe kubona ngqo, wengeza ngokuthi bayavumelana nalokho.
“Njengoba sekumele kushintshwe okuthile kulokhu esasivumelene ngakho, inkampani kumele ixoxisane nenyunyana, kumanje inkampani isesigabeni sokuyiphothula indaba yale mali yabasebenzi,” usho kanje.