MBALI KHANYILE
IFUNA ukwandisa isibalo sabantu abasha abazifela ngezemfashini intokazi esungule umcimbi kazime oqondene namasonto ozoba minyaka yonke KwaZulu-Natal.
UNksz Slindile Hlengwa (26) waseFredville, eNtshanga weThree Towers Communications (3TC) umatasa nezinhlelo zikazime wasemasontweni obizwa ngokuthi Inzwakazi Queen Beauty Pegeant.
Echaza kabanzi ngalo mcimbi ozoba ngoDesemba 16 eCoastlands Hotel, eThekwini uthe bathungatha izintokazi ezisukela eminyakeni engu-18 kuya kwengu-25, ezizethembayo nezinothando lwemfashini kanjalo nolukaNkulunkulu.
“Sifuna ukuqeda umkhuba ojwayelwe yintsha enenkolelo yokuthi kunesibhocobhoco emasontweni. Ngalo mcimbi sikholwa wukuthi sizokwazi ukugqugquzela intsha ukuthi ingakunqeni ukuya emasontweni. Okunye okusemqoka wukuthi abantu abasha balazi uhlobo lwezimpahla ezisesitayeleni ezihambisana nabo,” kuchaza yena.
Eqhuba uthe imali yokujoyina ngu-R200 kanti ozodla umhlanganiso uzohlabana ngo-R5000, imikhiqizo yokugcoba ye-Alcare Aloe nokunye.
Amafomu okungenela atholakala kwi website ethi www.threetowerscommunications.com kanti ngoNovemba 25 kuyavalwa ukutholakala kwawo.
“Isiko lasemasontweni akulona leli elihlezi licatshangwa ngabantu lokuthi kumele ugqoke izimpahla ezihusha phansi nezingakhombisi sitayela. Sekuyisikhathi sokuthi abantu abakholwayo bavule amehlo bakwazi nabo ukuthola imicimbi efana nalo wezemfashini esimatasa ngawo, nozobagqugquzela ukuthi bazithande,” kuqhuba le ntokazi ekhonza eFaith Mission eNtshanga.
Iphinde yaveza ukuthi ibambisene noMnuz Siyabonga Zama kulo mcimbi ewuhlelayo.
Intokazi ezodla umhlanganiso izophinde ithole ingqayizivele yethuba lokuba yinxusa le3TC.
Phakathi kwemisebenzi elizoyenza wukuhambela imicimbi yezemfashini, eyasemasontweni kanjalo nokuhambela izikole ngenhloso yokuqwashisa intsha ngemikhuba engalungile ethandwa yintsha yamanje.
Amathikithi okungena kulo mcimbi aseqalile ukutholakala ngo-R120 eComputicket.