FANELESIBONGE BENGU
ABATHANDI be-deep house eThekwini sebesungulelwe inkundla lapho bezohlangana khona bathokozele lolu hlobo lomculo njalo ekuqaleni kwenyanga.
Umhleli wemicimbi uSenzo Mthombeni wenkampani Umdaka Events uthe ezindaweni eziningi zokujabula eThekwini ayidlalwa i-deep house.
“Phambilini bekuthi uma kuqala umcimbi kudlale i-deep house kodwa uzwa abantu bethi iyabambezela bafuna ukudansa. Usuthola ezindaweni eziningi kudlala i-hip hop, yi-house esheshayo negqomu. Iqiniso wukuthi kunenqwaba yabantu engalithandi igqomu kodwa engazi ukuthi ingazijabulisa kuphi. Yingakho sisungule lo mcimbi,” kusho uSenzo.
Okushiwo nguSenzo ngothando lwe-deep house eThekwini kufakazela okwashiwo nguDJ weMetro FM uNaves ngeledlule ngesikhathi benenhlolokhono yomncintiswano woDJ eBat Centre.
“Esikuqaphelile wukuthi ukungadlalwa kwe-deep house eThekwini kushiye isikhala entsheni. Izingoma zabaningi (abebeze kwinhlolokhono) bekungesizona ezegqomu njengoba eThekwini kudlalwa lona kodwa bekungeze-deep house. Kusho ukuthi intsha ithanda i-deep house,” kusho uNaves.
USenzo uthe umcimbi wakhe iDeep Down Picnic uzoba seGordon Park kuFlorida Road ngeSonto kusukela ngo-11 kuya ku-9 ebusuku.
Kuzobe kunandisa uDJ Terance, King Sfiso, Merlon, Rude Disko futhi kuzocula bukhoma uMuseeq IQ.
“Le nkundla izonikeza oDJ be-deep house abangaziwa ithuba. Baningi abanye abangena emculweni bedlala i-deep house kodwa ngenxa yokusatshiswa kuthiwa uyalamba uma udlala yona ngenxa yokuthi awuqashwa bayiyeke. UDJ Merlon uthanda i-deep ne-soulful house kodwa uma ejabulisa abantu udlala noma yini,” kusho uSenzo.