MLUNGISI GUMEDE
U MNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal uthi isikole esibhidlizwe ngumlimi iDunimarle Primary eCramond, maphakathi neKwaZulu-Natal bekuvele kungasebenzeki kusona ngenxa yokuthi besinesibalo esincane sabafundi.
Okhulumela uNgqongqoshe walo mnyango, uMnuz Isaac Luthuli, uthe bese kunqunywe ukuthi abafundi bakulesi sikole bayiswe kwesisedolobheni iRegina Road Primary ngoba bekungasebenzeki kusona ngenxa yesibalo esincane sabafundi.
“Ngonyaka odlule lesi sikole besinabafundi abangu-20. Ekupheleni konyaka kwaba nomhlangano weziphathimandla zesikole nabazali kwavunyelwana ngokuthi isikole sivalwe, izingane ziyiswe eRegina Primary,” usho kanje.
UMtshali uthe ilandelwe yonke imigudu yomthetho kuvalwa lesi sikole.
Uthe othisha abebefundisa kulesi sikole bayiswe kwezinye.
UMnyango wezeMfundo ubungakaphumeli obala ngodaba lwesikole esingumakhelwane kweDunimarle, iBucklands Primary okunezinsolo zokuthi naso sizoshaywa phansi ngumnikazi wepulazi esakhiwe kulo.
Umnikazi waleli pulazi uMnuz Ollie Smith kuthiwa uhlele ukusibhidliza lesi sikole uma kubuywa ePhasikeni kodwa ngesikhathi ekhuluma naleli phephandaba wathi akazi lutho ngalolo daba.
Kumanje lesi sikole sesibiywe ngocingo olunogesi kodwa olungakasebenzi okuzothi uma ususebenza ubeke abafundi engozini.
Ngaphandle kwezinhlelo zokubhidlizwa kwezikole emapulazini aseCramond, kukhona omunye umlimi wakule ndawo obhidlange ngokuthela othulini imizi yabantu.
Kumanje lo mlimi uMnuz Brett Peatie usebhidlize imizi eyisithupha kusukela eqale umkhankaso wakhe ngoJanuwari.
Ikhansela lendawo uMnuz Mlungisi Dlamini nemeya yaseMsunduzi uMnuz Chris Ndlela eyafunda eBucklands, basanda kuba nomhlangano noPeatie ngenhloso yokuthola isisombululo.
Kusukela kube nalo mhlangano, kusamile ukubhidlizwa kwezindlu zabantu.
UPeatie watshela izikhulu zikahulumeni abehlangene nazo ukuthi ubhidliza izindlu ezingasahlali muntu.
Nayizolo akatholakalanga ukuthi aphawule ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa kanti aluyithathi imilayezo.