FANELESIBONGE BENGU
U MLINGISI wo Muvhango okuvele ukuthi ikusasa lakhe lisengcupheni kulo mdlalo ngemuva kokungaboni ngaso linye nabaphathi, uthe bese kufike isikhathi sokuthi akhule njengomlingisi.
USimphiwe Ngema odlala indawo kaThuli kulo mdlalo owuchungechunge okhonjiswa ngo-9 ebusuku kuSABC 2 phakathi nesonto, kuthiwa sekuphele amasonto amabili agcina ukuqopha nalo mdlalo.
Kuthiwa waxabana nabaphathi ngemuva kokuthola ukuthi kunezinkulumo zokuthi indawo ayidlalayo ithathwa njengengenasidingo.
Kubuye kwaphuma neminye imibiko ethi omunye umlingisi uNkuli Tshirumbula odlala indawo kaGundo naye uxabene nabadidiyeli bomdlalo. Kuthiwa abadidiyeli banqume ukuthi babamise ngesikhathi kusakhulunywa ngekusasa labo.
“Zonke izinto ezinhle ziba nesiphetho. Ngibe nesikhathi esimnandi kakhulu kodwa bese kufike isikhathi sokuthi ngikhule. Ngangihlele ukuthi ngihlale iminyaka emihlanu (ku Muvhango),” kusho uSimphiwe.
Uthe uma ungumlingisi kumele ube nento oyenzayo eceleni ukuze uma uphelelwa umsebenzi ube nemali engenayo.
USimphiwe ubekhuluma kwi The Morning Fix kaMo Flava kuMetro FM izolo ekuseni.
“Indima yethu ngeke ukwazi ukuqagela ukuthi injani. Uma kuphela inkontileka awazi noma izovuselelwa yini noma cha. Kumele ube nemali engenayo ngaphandle kokulingisa. Nginamanye amabhizinisi engiwenzayo kodwa ngiyakuthanda ukulingisa,” kusho uSimphiwe.
Ugcine engacacisanga ukuthi uya kuphi ngokulingisa.
Okhulumela i Muvhango u-Amanda Ngudle izolo utshele Isolezwe ukuthi kuyiqiniso ukuthi uSimphiwe akaqophi nabo kulezi zinsuku kodwa lokho akusho ukuthi akaseyona ingxenye. Uthe bona abanalwazi lokuthi wayezohlala isikhathi esiyiminyaka emihlanu. “Ngokwazi kwethu useyingxenye yeMuvhango,” kucacisa u-Amanda. Uthe amahemuhemu okuthi uxabene nabadidiyeli angamanga futhi awafani naye.