U MCULI wangezikhathi zethu owayebizwa nge Ndod’engaziwa ngoba wayehlale ezimboze ubuso, wayenengoma eyayishisa izikhotha esihloko sithi, i Phulumende. Izinhlamvu zale ngoma zazithi, Siza kancane nje kodwa sizogcina sifikile ngoba sihamba ngePhulumende.
Kulabo abayizwa ngendaba i Phulumende kwabe kuyibhasi elalihlukene kabili liyinkostini elalinejubane eliyisimanga, elaqanjwa abantu ngoba behlulwa ukuphimisa igama lalo lesiNgisi.
Umcabango wale ngoma ungifikile ngesikhathi ngifuna indlela ebengingaqala ngayo ukubhala ngemoto iFord Kuga. KwaFord abatatazeli ngale moto beza kancane kodwa into abanesiqiniseko ngayo ukuthi ngokuhamba kwesikhathi iyayithola indawo ezinhliziyweni zabantu.
Njengengoma ye Ndod’engaziwa, kwaFord nabo bazogcina befikile lapho behlose khona ngeKuga. Okukhombisa ukuzibophezela kwabo ngale moto wukuthi sebephinde bawandise lo mndeni ngokwengeza injini enamandla afinyelela ku-177kW kanye ne-torque engu-340Nm kule Sport Utility Vehicle. Le njini engu-2.0 litre eyi-EcoBoost yiyo kanye abagadla ngayo kuzwakale ethathelwe kwi-Ford Focus ST hatch. I-Kuga akuyona i-SUV engingathi iyintandokazi kubantu kodwa kuyabonakala ukuthi uma uhamba ngale moto usuke ungashayanga eceleni. U-gearbox wakhona udonsa ngamagiya ayisithupha, dual-clutch, bese iba ngumshini ozishintshayo. Ijubane layo eliphezulu ligcina ku-212km/h kanti ngemizuzwana engu-7.8 iyakwazi ukusuka ku-0 ifinyelele ku-100km.
Abayishintshanga injini kadizili
KwaFord bathi njengasekuqaleni injini kadizili engu-2.0 litre TDCi abayishiyanga ngaphandle namandla ayo asethe xaxa bawenza afinyelela ku-132kW kanye ne-torque esingu-340Nm.
Injini ebikhona ekuqaleni engu- 1.6 litre bayigudluzile indawo yayo yathathwa injini engu-1.5 litre turbo kodwa okuqaphelekayo ukuthi amandla awazange ashintshe.
Kunezinhlobo ezine zeKuga eziphuma nenjini engu-1.5 litre EcoBoost ezisebenzisa uphethroli. Phakathi kwalezi zinhlobo kukhona ezidonsa ngamasondo angaphambili ezingu-6 speed ezishintshwayo okungaba uhlobo lwe-Ambiente noma iTrend ezikhiqiza amandla afinyelela ku-110kW bese kuthi izinhlobo ezimbili ezizishintshayo zikhiqize amandla angu-132kW.
Ezishintshayo ungayishayela ngezindlela ezihlukene. Kukhona indlela ejwayelekile ebizwa nge-normal kanye ne-sport lapho imoto isuke izishibilikela emgwaqweni. IKuga imoto ongayethemba kwezokuphepha ngoba ngesikhathi ihlolwa kwezokuphepha ithole izinkanyezi ezinhlanu. Iphuma nama-airbag ayisikhombisa, stability control, ABS.
Zonke izinhlobo zeFord Kuga ziphuma ne-warranty yeminyaka emine emuva kuka-120 000km kanye ne-service plan yeminyaka emine emuva kuka-80 000km.
AMANANI
1.5 EcoBoost Ambiente manual R321 900
1.5 EcoBoost Trend manual R357 900
1.5 EcoBoost Trend Auto R371 900
1.5 EcoBoost Trend AWD auto R398 900
2.0 EcoBoost Titanium AWD Powershift R439 900
2.0 TDCi Titanium R459 900