FANELESIBONGE BENGU
SEZIQALILE izinhlelo zokujabulisa abantu ngamaholidi kaDisemba endaweni yobumnandi esizakhele udumo ngokungenisa abantu mahhala iMondise MVG edume ngokuthi iseGagasini, eThekwini.
Imenenja yendawo u-Amu Sithole imeme abezindaba kuleli sonto ukuba bazobona ngaphakathi njengoba kulungiswa lapho kuhlala khona abantu.
Bafaka izindawo ezingamakhosomba okuhlala kuzo izicukuthwane ezikhethekile.
“Ngaphambi kokulungisa indawo ngaphakathi sinezezele nezipikha zethu ngoba sifuna umsindo ukhale ngendlela eseqophelweni eliphezulu. Abantu bathanda ukudansa ngakho ingoma kumele bayizwe ihlekile. Lezi zindawo ezintsha zokuhlala zizolunga ngoLwesihlanu (namhlanje). Zizobe zivalekile bese zikwazi ukumumatha abantu abalinganiselwa ku-10 abakhethekile” kusho u-Amu.
Uthe ngaphandle kwalokhu sebeqalile ukuqasha abaculi abazonandisa ngazo zonke izimpelasonto zikaDisemba.
Ngokujwayelekile imicimbi okunandisa kuyo abaculi abadumile ayibi khona njalo kodwa kudlala uDJ Sanza noDJ Sjerere.
“Kithina uDisemba usheshe wafika. Kusukela ngoLwesihlanu kuze kube yiSonto zizobe ziphenduka. NgamaSonto sizoqala imicimbi ye-jazz okuzodlala kuyo uDJ Muntu Master Blaster neSoul Brothers. Abanye abaculi abazonandisa sizobamemezela uma imicimbi isiqalile,” kusho u-Amu.
Namhlanje kunomcimbi wokuvulwa ngokusemthethweni kwalezi zindawo zokuhlala izicukuthwane. Kuzobe kunandisa uBusiswa wodumo lwengoma ethi Lahla, Oskido noDJ Feel.
“NgoMgqibelo (kusasa) sizosheshe sivule ukuze abantu bezokwazi ukuzobuka ibhola njengoba kudlala iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates,” kusho u-Amu.