MTHOKOZISI MNCUSENI
S EBEZOFUNDA ukuziqoqa enkundleni abadlali beCell C Sharks ngemuva kokuthi ibhodi yaleli qembu elizobhekana neVodacom Bulls kusasa ngo-5 ntambama, eGrowthpoint Kings Park, eThekwini, koweVodacom Super Rugby, bephasise umthetho ozobashaya iphakethe.
Kusukela emhlanganweni obukuleli sonto eliphelayo amakhadi abomvu nokunye ukuhluleka ukuziphatha enkundleni, kuzoncozulwa emiholweni yabadlali abenze lokho ukugwema ukuthi leli qembu lihlale njalo lingenabo abadlali ngoba bemisiswe.
Njengamanje, ukaputeni uBismarck du Plessis, iphini lakhe uFrancois Steyn noJean Deysel bobathathu abangamaBhokobhoko abakwazi ukusiza iqembu njengoba libhinjelwa izinto ngenxa yezigwebo zamakhadi.
Njengoba bonke laba badlali bengalisizi iqembu ngenxa yokuhluleka ukuziphatha imali yabo yomholo ingena njengoba injalo kodwa ngokwebhodi yaleli qembu lokhu bekwenzeka okokugcina kule nyanga.
Kusenjalo, umqeqeshi weSharks, uGary Gold akazange asishintshe isikimu esihlulwe yi-Emirates Lions ngeledlule ngaphandle kokuqinisa ngamaBhokobhoko abuyayo angoTendai “Beast” Mtawarira noJannie du Plessis njengoba ezobhekana neBulls esefomini kulezi zinsuku.
Lokhu kungashinsthi kukaGold kuchaza ukuthi ngeke bawuqale umdlalo njengoba bekulindelekile oRyan Kankowski noJP Pietersen.
Isiyonke imidlalo yeVodacom Super Rugby kule mpelasonto imi kanje:
Namuhla
Crusaders vs Chiefs (AMI Stadium, 9.35am).
Kusasa
Hurricanes vs NSW Waratahs (Westpac Stadium, 6.30am); Highlanders vs Auckland Blues (Forsyth Barr Stadium, 9.35am); ACT Brumbies vs Melbourne Rebels (GIO Stadium, 11.40am); Western Force vs DHL Stormers (nib Stadium, 1.45pm); Cell C Sharks vs Vodacom Bulls (GrowthPoint King’s Park, 5.05pm); Toyota Cheetahs vs Queensland Reds (Free State Stadium, 7.10pm).