CELANI SIKHAKHANE
S EKUQUBUKE umsindo kuMasipala waseNkandla ngo-R1.2 million okuthiwa wasetshenziswa ukwenza umcimbi womsakazo weSABC, Ukhozi FM obizwa ngeNyus’ Volume, okwakuyimali okwakufanele yenze izidingo zomphakathi.
Lo mcimbi kuthiwa wawungoDisemba 2014 eNkandla, lapho okwakugcwele khona izinkumbi zabantu zikhonza ebhasini loKhozi FM, zibangisana nangabasakazi balesi siteshi.
Ngo-Agasti 5, 2015, amakhansela e-ANC eholwa usihlalo wekhokhasi yawo uMnuz Bahle Sibiya, abhalele uNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu, KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube ukuba enze uphenyo olunzulu ngalo mcimbi ngoba bethi kwadlalwa ngemali yabakhokhi bentela.
Nokho umkhandlu kamasipala uyakuchitha lokhu njengoba uthi walandela yonke imigudu futhi lo mcimbi wawunesabelo sawo eceleni esasihleliwe.
Le ncwadi Isolezwe elinayo ikhophi yalo iveza ukuthi imali okwahlelwa ngayo umcimbi woKhozi, yayibekelwe ukuqhubeka nezidingo zentuthuko yomphakathi waseNkandla kodwa yagcina isifakwa ezintweni zobumnandi.
“Lo mcimbi woKhozi wawungekho ezinhlelweni zesabelo-mali sikamasipala kodwa wavele wenziwa ngale mali engu-R1.2 million. Akugcinanga lapho kuthe ngoMeyi 2015, kwenziwa umcimbi weMayoral Cup waseNkandla wokwamukela abadlali beKaizer Chiefs. Lo mcimbi wenzelwa oLundi kwabizwa nendodakazi kaMntwana wakwaPhindangene, uMntwana uPhumzile ukuba azokhuluma kuwo ekubeni engelona ngisho ikhansela laseNkandla. Kulowo mcimbi akukho noyedwa umuntu waseNkandla owahlomula. Akugcini lapho kodwa kunophenyo lwemeya endala umama uZandile Mncadi-Mpanza esingazi kwenzekani ngalo,” kusho uSibiya.
Ukhale nangokuthi kuningi okungahambi kahle ngoba nemenenja kamasipala, uMnuz Sthembiso Mthembu, ayibuyiseliwe emkhandlwini okwenza kungasebenzeki.
Usole isigungu samakhansela e-IFP ngokungafuni ukuphenya iMeya uThami Ntuli ngezinsolo zokuthi wathenga amatekisi amabili nethaveni ngemali kamasipala.
USomlomo kaMasipala waseNkandla, uNkk Nonhlanhla Nzuza ukhuze umhlola wathi ayamdumaza amakhansela e-ANC ngamanga ngoba konke okwenziwayo ngomcimbi woKhozi FM kwakulandelwe imigudu efanele nawo ayevumelana nokwakwenziwa. Uthe imali eyasetshenziswa ngomcimbi woKhozi uR500 000, okwakuhlanganisa abaculi nokuthi umphakathi wendawo ukwazi ukukhangisa ngamabhizinisi awo, kodwa akasazi lesi samba esishiwo abe ANC.
“Uma kwenziwa isabelo-mali emkhandlwini kuba khona imali yezidingo zentuthuko bese kuba khona esuke ihlelelwe imicimbi ethinta umphakathi njengayo iNyusi Volume. Ngesikhathi sigunyaza isabelo-mali sokuxhasa iNyusi Volume, amakhansela e-ANC asukuma ashaya ihlombe esamukela. Mayelana nomcimbi weMayoral Cup konke kwenzelwa eNkandla. Inkinga esaba nayo ukuthi amahhotela asinawo eNkandla, saphoqeleka ukuthi abadlali beKaizer Chiefs ababesivakashele sibalalise eGarden Court Hotel, oLundi okwenza ukuthi sibamukele khona. UMntwana uPhumzile akazange akhulume kulowo mcimbi kodwa amakhansela asoLundi afika ezobona abadlali beChiefs.
“Lolu daba lweMeya ye-ANC uNkk Zandile Mncadi-Mpanza salwenza uphenyo ngale mali ayidla noNgizwe woKhozi FM engu-R50 000 wayalelwa ukuba ayikhokhe. IMeya uNtuli bayamsukela ngoba imali athenge ngayo amatekisi nethaveni eyakhe yokuba uthisha ngoba ube kwezemfundo iminyaka engu-20, kwathi uma esengena ebukhanseleni wesula,” kusho uNkk Nzuza.