MINENHLE MKHIZE
I LAMONTVILLE Golden Arrows ayikanqumi ngomdlali ezomnika ibhande likakaputeni elishiywe nguThanduyise “Gonondo” Khuboni osegijima kuMpumalanga Black Aces ku-Absa Premiership.
Ngesizini edlule Abafana Bes’thende bagawulwe yizembe esigabeni esikhulu ngemuva kokuvala isizini behlezi endaweni yokugcina ku-log. Leli qembu ligcine lehlele kuNational First Division (NFD).
NgoMgqibelo ngo-3 ntambama i-Arrows izovakashela eThohoyandou Stadium isiholwa ngukaputeni omusha emdlalweni wayo wokuqala weligi kulesi sigaba. UShaun Bartlett exoxa naleli phephandaba uveze ukuthi bazothatha isinqumo kusasa noma ngoLwesithathu.
“Akhona amagama ahlongozwa yithimba lami kodwa okwamanje asikasithathi isinqumo. NgoLwesibili (namuhla) noma ngoLwesithathu (kusasa) sizobe sesazi ukuthi ngubani ozohola iqembu. Kubalulekile ukuthi sisheshe sisithathe leso sinqumo ngaphambi kokuthi kuqale imidlalo,” kusho uBartlett.
I-Arrows ilahlekelwe yinqwaba yabadlali bayo abamqoka. Ihanjelwe ngoKhuboni, Jabulani “Macokama” Nene, Dumsani “Seseh” Zwane, Siyanda “Jojo” Zwane, Philani “Maoti” Zwane, Ryan Harrison, Arthur Bartman oselolonga onozinti, Nkanyiso Mlotshwa, Norman Smith, Mzukukile Tom, Bongi Ntuli, Chris Katongo, Joseph Musonda, Lebogang “Juice” Mothibantwa, Nhlanhla Zothwane noVuyisile Ntombayithethi.
“Ngeneme ngendlela iqembu elihlangane ngayo. Konke kuyethembisa yize ngisabheke ukusayinisa umgadli oyedwa. Kubadlali esibasayinisile ngu-Omar Hendricks kuphela kwabanegama. Ingcindezi esihlalele njengeqembu ngeyokuthola imiphumela emihle nokuthi siqale kahle. Abantu abaningi basithatha njengezimfivilithi kodwa ngikufuna ukusho ukuthi ngeke kube lula kwazise nami angazi ukuthi kufanele silindeleni kuNFD ngoba sekunesikhathi iqembu lagcina ukudlala kulesi sigaba. Imidlalo engu-15 yokuqala iyona ezocacisa ukuthi sizimisele kangakanani ukubuyela ku-Absa Premiership,” kusho uBartlett.
I-Arrows ibophele iningi labadlali abebedlala ezigabeni eziphansi. Kubona kukhona uMandla Mdunge, Nkanyiso Cele, Nkosingiphile Gumede, Nkanyiso Mngwengwe noThembela Sikhakhane.
“Imidlalo yasekhaya iyona okufanele senze isiqiniseko sokuthi sicosha kuyona amaphuzu amaningi. Ekuhambeni nakhona sizobe siwafuna amaphuzu kodwa indlela eya empumelelweni iqala ekhaya,” kusho uBartlett.
Imidlalo yeNFD ngempelasonto:
NgoLwesihlanu:
Milano United FC v African Warriors (Phillipi Stadium, 7.30pm); Royal Eagles v Baroka FC (Moses Mabhida Stadium, 7.30pm); Cape Town All Stars v Garankuwa United (Athlone Stadium, 7.30pm)
NgoMgqibelo:
FC Cape Town v Santos (NNK Rugby Stadium, 3pm); Thanda Royal Zulu v Witbank Spurs (Umhlathuze Sports Complex, 3pm); Maluti FET College v Vasco Da Gama (Charles Mopeli Stadium, 3pm); Highlanders Park v Jomo Cosmos (Makhulong Stadium, 3pm)