MTHOKOZISI MNCUSENI
I QEMBU lesizwe lekhilikithi lase-Australia liwuvale ngenjabulo unyaka obe ngomubi ukuyedlula yonke kulandela indlela okudlule ngayo emhlabeni omunye wabadlali balo abebeneqhaza elikhulu kweye-Test uPhillip Hughes.
I-Australia ebiholwa uMichael Clarke obedlala okokugcina kuma-Aussies kweyosuku olulodwa, inenebule iNew Zealand ngamawikhethi ayisikhombisa kowamanqamu weNdebe yoMhlaba yekhilikithi ka-2015 eMelbourne Cricket Stadium, izolo ekuseni. Bese kungokwesihlanu i-Australia idla lesi sicoco.
Izinto ziqale ukonakala ngesikhathi isibabuli seNew Zealand esingukaputeni uBrendon McCullum sikhishwa ngedada. Konke okulandele lapho kubhedile ngaphandle kukaGrant Elliot owabulala amaProteas ku-semi final, yena othole ama-run angu-83. INew Zealand ikhishwe yonke yenze ama-run angu-183.
Kubheda uhlelo kuNew Zealand nje, uMitchell Starc, Mitchell Johnson noJames Faulkner okungabashwibi be-Australia baphume emdlalweni namawikhethi ayisishiyagalombili bebobathathu.
Akukho okuke kwakhombisa ukuthi lo mdlalo ungafana noweNew Zealand namaProteas obunguginqigonqo. I-Australia ibizikhululekele nje, yaqeda konke ukuqagela kuma-over angu-33. Ngaleso sikhathi ukaputeni uClarke uvalelise ngama-run angu-74 kwathi uSteve Smith okunguyena ozothatha indawo kaClarke wenza angu-56.
Ugcine ekhishiwe uClarke kwasukuma inkundla yonke , abantu abangu-93 000 bemvalelisa abanye bembonga ngakwenzele ikhilikithi yase-Australia. UClarke wayekhona ku-Australia edle lesi sicoco ngo-2007. Alikho elinye izwe eselike ladla lesi sicoco ngaphezu kwe-Australia.
Bekungokwesibili ukuthi izwe elisingethe kube yilona ompetha njengoba ne-India yenzile eminyakeni emine edlule ngaphansi kwesandla senkakha yamaProteas uGary Kirsten. INew Zealand ishaywa nje, ibisayinqobe yonke imidlalo eke yayidlala kule Ndebe yoMhlaba abebeyisingethe e-Australia ngokubambisana.
Umndeni wekhilikithi wase-Australia uyivale kahle isizini ngaphadle kwesilonda esyohlala sikhona ngokwenzeke eSydney Cricket Stadium, uHughes eshaywa yibhola emqaleni waphuthunyiswa esibhedlela, ashonele kusona.