ZANELE MSOMI
IQEMBU eliphikisayo iDemocratic Alliance (DA), lithi kalinamona ngosomabhizinisi baseThekwini abathola amathenda kuMasipala weTheku kodwa linezinsolo eziqinile zokuthi akulandelwa imigudu efanele.
Usho kanje uMnuz Zwakele Mncwango onguMholi weKhokhasi yeDA kuMasipala weTheku emuva kokuthi ihhovisi loMvikeli woMphakathi u-Advocate Thuli Madonsela seliqale uphenyo.
Ngokwezikhalo ze-DA, iZikhulise Cleaning, Maintenance and Transport kaMnuz Sbu Mpisane nomkakhe uShawn, iyona ehlomule ngokungafanele.
UMncwango uvumile ukuthi ubhalele ihhovisi likaMadonsela ngoba sebezame bahluleka ukuthola ukucaciselwa ngokunikezwa kwamathenda enkampanini yakwaMpisane.
“Angizange ngivele ngibhalele uMadonsela kodwa ngaqala ngenhloko yeSupply Chain neMenenja yeTheku. Bengibuza ukuthi kungani abakwaMpisane bethole amathenda amakhulu futhi kungalandelwa imigudu efanele. Angizange ngithole mpendulo kodwa i-ANC ibilokhu iwuvikela lo mndeni,” kusho yena.
Uthe banezinsolo eziqinile zokuthi kunobudlelwano benkohlakalo phakathi kwabakwaMpisane noMasipala. Uthe kulo nyaka abakwaMpisane bathole amathenda angaphezu kuR300 million.
“Inkinga wonke awokwakha izindlu kanti izindlu azingeni ngaphansi komthetho ka-Section 36. Izindlu zinebhajethi yazo okungadingeki zifakwe kulesi sigaba ngoba aziphuthumi,” echaza.
Uveze ukuthi usehlangane kathathu nehhovisi lika-Adv Madonsela kudingidwa lolu daba, wathola nolunye ulwazi abengenalo olwavela embikweni kaManase.
Ihhovisi lika-Adv Madonsela lizophenya ngokukhishwa kwamathenda kusukela ku-2004.
Ekhuluma neDaily News, uSithole uvumile ukuthi baxhumene noMadonsela kodwa wakuqinisekisa ukuthi selokhu engene esikhundleni bayiqinisile imithetho. NgoJulayi nonyaka embikwe-ni wanyanga zonke kumasipala kuvele ukuthi abakwaMpisane bathole uR405 million wokwakha izindlu eziwu-3 350 zabahola kancane eMlazi.
Nyakenye banikezwa uR15.3 million wokwakha eziwu-74 ezadilizwa emuva kokwakhiwa ngo-2010 KwaMashu. Phakathi kukaJulayi 2012 noMashi 2013 iZikhulise kuthiwa yahlomula uR455 million wamathenda kumasipala.