INHLANGANO eyengamele ezabasubathi abanokukhubazeka i-International Paralympic Committee (IPC) ikuqinisekisile ngoLwesibili ukuthi u-Oscar Pistorius ( osesithombeni) ngeke avunyelwe ukuba yingxenye yemiqhudelwano yabo kuze kuphele iminyaka emihlanu kusukela osukwini agwetshwe ngalo.
Ngalo uLwesibili inkantolo enkulu yasePitoli igwebe lo msubathi iminyaka emihlanu ebhadla ejele ngecala lokuba budedengu okuholele ekutheni kufe intombi yakhe uReeva Steenkamp esigamekweni esenzeke ngosuku lwezithandani (Valentines Day) ngo-2013.
Lokhu kuchaza ukuthi ngisho ngabe kuyenzeka ukuthi uPistorius uthola ushwele ngemuva kwezinyanga ezingu-10, njengoba kusho abazi umthetho, kodwa ngeke avunyelwe ukuba yingxenye yemidlalo yama-Olympics namaParalympics azokube eseRio de Janeiro, eBrazil ngo-2016.
Le nhlangano ikucacisile nokho ukuthi ayinawo amandla okuvimba uPistorius ukuthi abe yingxenye yama-Olympics namaParalympics azokuba seTokyo, eJapan ngo-2020 lapho eyobe eseneminyaka engu-34. Nakuba kunjalo kodwa i-IPC ayijiki ekutheni njengoba egwetshwe iminyaka emihlanu nayo immisa isikhathi esifanayo ngisho ngabe uyawuthola ushwele singakapheli lesi sikhathi.
Kuze kube yimanje i-International Olympic Committee (IOL) ne-International Association of Athletics Federations (IAAF) abakaphumeli obala ukuthi bazolandela yini ezinyathelweni ze-IPC ngokumisa lo msubathi emiqhudelwaneni yabo.
Nakuba kunjalo kodwa leli phephandaba linolwazi lokuthi vele uPistorius wayevele ehlele ukuthi khumu kwezokusubatha ngo-2017. – Intatheli yeSolezwe