INTATHELI YESOLEZWE
A SIWUNIKE umhlaba into osekuyisikhathi uyifuna. Lawa ngamazwi kaFloyd “Money” Mayweather Jnr awabhalela uManny “Pacman” Pacquiao kwenye yezinkundla zokuxhumana eminyakeni eminingi edlule emphonsela inselelo ngempi.
Ekugcineni lolu suku lugcine luqokiwe. Indawo iLas Vegas, Navada, e-United States of America entathakusa yangeSonto kubathandi bamanqindi baseNingizimu Afrika. Le ndawo yaseLas Vegas okuvamise ukulwelwa kuwo izimpi ezinkulu emhlabeni, ivuleleke komntakabani njengoba ithikithi lokungena ngaphakathi belilinganiselwa ku-R18 000 ngokwentengo yakuleli, ingasaphathwa eyokuhlala endaweni yezicukuthwane.
Impi yalezi zinkunzi zamabhokisa ibhekwe ukuthi ibe ngenye yeziyohlale njalo zikhunjulwa emlandweni wamankomane kodwa kungenzeka futhi ikhunjulwe ngezigameko ezingezinhle hhayi isibhakela esiqhwiza umentshisi kuphela. Izovezwa bukhona ku-SS2 ngeSonto ngo-3 ezintatha.
Njengoba bobabili laba bashayisibhakela abazolwa ngaphansi kwesisindo se-welterweight bezobeka amabhande abo asho lukhulu kubona etafuleni, abasazi kangcono isibhakela baxwayisa abathandi balo mdlalo ngale mpi ukuthi bangalindeli okuhle kuphela.
Ezinye zezimpi emlandweni ezazilindelwe ngale ndlela okubhekwe ngayo ekaMoney noPacman zishiye abathandi begezeke igilo ngenxa yesibhakela esiqhashisa ifinyila kodwa ezinye zibashiye bekhalela imali yabo. Kwesinye isikhathi izimpi ezifana nalezi ziphela abantu besangena lapho kulwelwa khona kanti ezinye zigcina sezilalisa ngenxa yokuthi amabhokisa awalwi kepha avele agadene ize iyophela impi.
Kuningi okufanele bakwenze lapha oMayweather noPacquiao ukuze impi yabo ibalwe njengengcono kakhulu kwesezike zabakhona. UMayweather (38) oselwe izimpi ezingu-47 kanti induku yinto angayazi. Kweminye yemibiko evelile ngaphambi kwale mpi iveze ukuthi uyise u-Floyd Senior omqeqeshayo, uthe kumele awagaxe emgibeni amagilavu ngemuva kokubhekana noPacquiao. UPacman (36) unezimpi ezingu-64, wahlulwa kwezinhlanu walwa ezimibili ngokulingana.
Phakathi kwezimpi esezike zalindelwa kakhulu emhlabeni njengale:
n Muhammad Ali v Joe Frazier – Okthoba1 1975
n Jack Dempsey v Luis Angel Firpo – Septhemba 14 1923
n Joe Louis v Billy Conn – June 18 1941
n Muhammad Ali v George Foreman – Okthoba 30 1974
n Sugar Ray Leonard v Thomas Hearns – Septhemba 16 1981
n Aaron Pryor v Alexis Arguello – Novemba 12 1982
n Marvin Hagler v Thomas Hearns – Ephreli 15 1985
n Julio Cesar Chavez v Meldrick Taylor – Mashi 17 1990
n Chris Eubank v Nigel Benn – Novemba 18, 1990
n Micky Ward v Arturo Gatti – Meyi 18 2002
n Erik Morales v Marco Antonio Barrera – Febhuwari 19 2005
n Diego Corrales v Jose Luis Castillo – Meyi 7 2005