MTHOKOZISI MNCUSENI
Orlando Pirates (0) 1 AmaZulu (1) 1
BASAZOLINDA abalandeli be-Orlando Pirates ngaphambi kokuthi bajabulele amaphuzu agcwele njengoba iqembu labo liphinde ladlala ngokulingana naMaZulu kowe-Absa Premiership, izolo ebusuku e-Orlando Stadium.
Emidlalweni emithathu yeligi esidlalwe yiPirates, ezikaVladimir Vermezovic sezidlale ngokulingana kabili zathola induku kowodwa.
AbePirates baqale lo mdlalo bebhlawe ebusweni ukuthi bayizwa ngaphakathi iwini kwazise kwesinye isikhathi bebethi benethuba lokucindezela kodwa balibuyisele emuva ibhola.
Okusheshe kwaqaphelaka-ke nokho ukuthi Usuthu beluvele luhlelile ukuzihlalela emuva lunike iPirates ithuba lokuphatha ibhola. Ayizange ilisebenzise lelo thuba iPirates ngoba ibigcina ngokufunzana ngalo maphakathi nenkundla kungekho minyakazo ebabazekayo eduze nomlomo wamapali.
Ngokuhamba kwesikhathi, Usuthu lugcine selungenile emdlalweni nabadlali abafana noPhilani Shange sebeqala begingqa amadoda kulayini.
Kungalindele muntu ngomzuzu ka-27, uSiyabonga Sangweni noRooi Mahamutsa bakhombise okukhulu ukuzithela ngabandayo bephaselana besebhokisini langakubo kanti uzobaxina uBongani Ndulula okuphoqe ukuthi uMahamutsa amwise phansi, unondweba uLwandile Mfiki walikhomba emlotheni. Kusukume yena uNdulula walibhakuzisa enethini.
Izamile iPirates ukuvuka emaqandeni ngemuva kwalokho kodwa yilona futhi Usuthu olucishe lwaya ekhefini seluhamba phambili ngo 2-0 kwazise uThabo Matlaba udlalise kabi uNdulula kodwa unondweba wanika lo mgadli ikhadi eliphuzi emsola ngokuziwisa.
Esiwombeni sesibili iPirates iyona ebilokhu ingqongqoze njalo ifuna igoli lokulinganisa kugqame uKermit Erasmus kodwa kuze kwaba umzuzu ka-62 lingena ngonyawo lukaMatlaba. Ngemuva kwalokho iPirates yakhe inqwaba yamathuba kodwa lutho ukuthola elokuwina.
Imiphumela yayizolo:
Free State Stars 3-2 SuperSports United; Moroka Swallows 0-2 Mamelodi Sundowns; Bidvest Wits 1-0 Maritzburg United; Mpumalanga Black Aces 0-2 Platinum Stars; Chippa United 1-2 University of Pretoria.