INTATHELI YESOLEZWE
S EKUYA ngokushuba ohlelweni lomculo ama-Idols SA njengoba ikusasa labangenele umncintiswano selilele ezandleni zababukeli.
Ukuvota kuqale ohlelweni lwangeSonto lapho khona sekusele abangu-16 abaphambili.
Bekucula abesilisa kuphela kwathi abesifazane baba yizibukeli.
Abesifazane abayisishiyagalombili bona bazothola ithuba lokuchaza ababukeli ngeSonto. Ngemuva kokucula kwabo kuzobe sekukhishwa abayisithupha kusale abangu-10.
Abangu-10 abaphambili bazomenyezelwa.
NgeSonto uhlelo luvulwe nguSiphelele Ngcobo (24) okunguye omele iTheku njengoba edabuka eNanda. Ushaye ingoma ka-Omi ethi Cheerleader wanconywa yijaji u-Unathi Msengana ngokuthi ukhethe ingoma ekahle.
Elinye ijaji uGareth Cliff lithe uSphelele kumele azame ukukhombisa ukuthi ujabule uma esesiteji.
Abanye abasele nguPhila Madlingozi, indodana kaRingo Madlingozi, oshaye ingoma ye-Uhuru ethi Ungowami, Thami Shobede ocule eka-Ed Sheeran ethi Photograph, Karabo Mogane oshaye ekaSam Smith ethi I’m Not The Only One, Rhema Varrie ochaze ijaji uSomizi Mhlongo ngephimbo lakhe engomeni ka-Ed Sheeran ethi Thinking Out Loud, Lungisa Xhamela oshaye i Touchin’ Lovin’ kaTrey Songz, Loyiso Gijana ocule ingoma kaSam Smith ethi Lay Me Down noRuan Grobbelaar oyivale ngengoma kaGeorge Ezra ethi Blame It On Me.
Kuvotwa kwi-website ethi www.mnet.co.za/idolsSA.