IMOTO: Ford Focus
NGESIKHATHI kuqala unyaka sakutshela ukuthi uzothi usongwa sibe sesithelekile kuleli “isigelekeqe” sakwaFord iFocus. Nebala kwaya ngawo amagama enkehli njengoba negama layo iFocus lihambisana nemilingo le moto eyenzayo ngezibalo zokuthengwa kwayo emakethe.
Mhlawumbe nomculi wangezikhathi zethu uMandoza walibona inxeba ngokuduma kwengoma yakhe uma ezosebenzisa igama le Focus.
Ngaphambi kokufika kuleli iFocus iqale ukukhonjiswa emazweni ase-Europe kanti ikhonjisiwe nasembukisweni wezimoto iGeneva Motor Show. Namanje iFord Focus kuseyimoto edayisa kakhulu emhlabeni jikelele esitebeleni sakwaFord. Le Focus iphuma nenjini eyi-EcoBoost esebenzisa uphethroli.
Ifike eNingizimu Afrika kwezwakala nenjini engu-1.5 litre EcoBoost namandla afinyelela ku-132kW.
Kukhona nenye injini engu-1.0-litre EcoBoost esebenzisa uphethroli enamandla afinyelela ku-91kW okuthe ngo-2012 nango-2013 yathola umklomelo we- International Engine of the Year.
Uma sibuyela emuva uzokhumbula ukuthi kwa Ford bayethula okokuqala iFocus ngo-1998, okuze kube yimanje sekudayiswe ama-Focus evile ku-12 million emhlabeni uma kuhlanganiswa nezibalo zaseNingizimu Afrika.
KwaFord bahlawumbisela ukuthi ngonyaka odlule kudayiswe ama-Focus angu-1.1 million kanti angu-300 000 adayiswa eChina okuyilezi zibalo eziyenze imoto edayisa kakhulu emhlabeni.
Umengameli wakwaFord emazweni ase-Europe, Middle East nase-Afrika, uStephen Odell, uthi banelisekile ngokuthi bazihola phambili ngokuthengwa emhlabeni. Uthe imoto yabo eyesikhathi samanje futhi ihlanganiswe ngendlela yokuthi iyonga nakuphethroli. Imoto okungabuzwa ukuthi iphuma emndenini omkhulu wakwaFord owasungulelwa phezu kwesisekelo sikaHenry Ford.
KwaFord bathi konke lokhu kube umphumela wokulalela kahle amakhasimende abo okuyiwo abebaluleka ngezinto azidingayo emotweni.
Ngaphakathi igqize ngombala omnyama abathi uhambisana nesitayela sesimanje, kanjalo nokhaphethi bayo abawugqinsi abakwazi ukubamba ukungcola.
IFocus iyiFord yokuqala ukuphuma nobuchwepheshe bokupaka obubizwa nge- Perpendicular Parking, obusiza umshayeli ukuthi akwazi ukuthi uma ehlehla angene khaxa esikhaleni sakhe ngaphandle kokuphazamisa ezinye izimoto.
IFord Kuga yamanje inabo ubuchwepheshe bokupaka obubizwa nge-Active Park Assist obusebenza ngokuthi umshayeli acindezele ibhathini bese imoto iyakwazi ukusensa indawo yokuphaka. Uma imoto isiyitholile indawo yokupaka iyakwazi ukuzingenela kuyo, okomshayeli nje kuba ukucindezela i-accelerator.
Abakwenzile kwiFocus entsha ukwengeza amasensa amabili angemuva ukwenzela ukuthi imoto ikwazi ukuzipaka.
Ukwengezwa kwalama sensa kwenza ukuthi babe ngabokuqala eNingizimu Afrika abanemoto ephuma nalobu buchwepheshe.