ZODWA NDABA
I GAQELE abagadli beMamelodi Sundowns iChippa United esiqala ukwenza amalungiselelo okuqinisa iqembu layo njengoba isizogijima ku-Absa Premiership ngesizini ka-2014/2015.
IChippa ibe ngompetha beNational First Division (NFD) emva kokuvula igebe lamaphuzu angu-10 isasalelwe yimidlalo emine kusongwe iligi. Ilandelwa yiBlack Leopards ngamaphuzu angu-43 emidlalweni engu-27.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi u-Edward Manqele obolekiswe kuMoroka Swallows noRichard Henyekane obolekiswe kuFree State Stars bazobe begijima kuChippa ngesizini ezayo.
URobyn Johannes ogcine ukubonakala edlala kuMaritzburg United naye usohlwini lwabadlali abafunwa yiChippa.
“IChippa inobudlelwano obuhle neSundowns njengoba inabadlali ebaboleke kuyona. Seziqalile izingxoxo zokuthi uManqele noHenyekane baye kuChippa futhi konke kusahamba kahle. Mancane amathuba okuthi bagcine bengayanga khona,” kusho umthombo.
Ngesizini ka-2012/2013 uManqele usayine inkontileka yeminyaka emihlanu neSundowns esuka kuFree State lapho aheha khona amaqembu amaningi eqobela enethini amagoli angu-11 ngesizini yakhe yokuqala kuPremier Soccer League (PSL). UHenyekane unenkontileka ephela ngo-2016 naBafana Ba Style.
Bobabili laba badlali iSundowns ize yababolekisa ngoba bebesizwa ngendaba isikimu. UHenyekane ufike kuStars waqhulula amagoli njengoba eseshaye ayisithupha.
IChippa kumanje igijima ngabadlali ababili beDowns okukhona kubona uDoctor Mampuru noSiyabulela Shai.
UMqeqeshi weChippa, uVladislav Heric, ukubeke kwacaca ukuthi bazokwenza noma yini ukugcina uMampuru.
“UMampuru ungumdlali oseqophelweni eliphezulu futhi ube nomthelela ekwenzeni kahle kweqembu kule sizini. Udlale yonke imidlalo ngenxa yezinga lakhe eliphezulu. Sizokwenza noma yini ukuthi ngesizini ezayo aqhubeke adlale kithina futhi sizophinde siphume umkhankaso sibheke unozinti nabanye abadlali abanesipiliyoni sokudlala ku-Absa Premiership esizoqinisa ngabo iqembu,” kusho uHeric.
Kuthintwa isikhulu esiphezulu seChippa United, uPeter Koutroulis, asizange siphike ukuthi bayabafuna laba badlali kodwa sithe akuyona indaba esifuna ukukhuluma ngayo leyo.
“Ngisacela singakhulumi ngale nto okwamanje, futhi ungazibhali izinto ezinje. Ngicela ungithinte kahle uma sesidlale imidlalo esisalele sisonge iligi. Ngizobe senginamandla okukhuluma ngezinguquko esizoba nazo njengeqembu uma isiphelile imidlalo,” kusho uKoutroulis.
Umphumela: FC Cape Town 2–4 Maluti FET College
Imidlalo yeNFD:
NgoMgqibelo – ngo-3 ntambama: Roses United v Thanda Royal Zulu (Kaizer Sebothelo Stadium); Baroka FC v Blackburn Rovers (Old Peter Mokaba Stadium)
NgeSonto – ngo 3 ntambama: Jomo Cosmos v Sivutsa (Makhulong Stadium); African Warriors v Vasco da Gama (Phuthaditjaba Stadium); Milano v Black Leopards (Grassy Park Stadium); United Fc v Chippa United (Moruleng Stadium)
ILog yeNFD
Amaqembu P W D L F A Pts
Chippa 27 16 6 5 46 28 54
Leopards 27 12 8 7 49 34 44
Milano 27 12 7 8 36 24 43
Baroka 27 12 7 8 38 30 43
Cosmos 27 11 9 7 29 21 42
United FC 27 11 8 8 42 27 41
Vasco 27 11 8 8 29 27 41
Santos 27 9 13 5 27 22 40
Warriors 27 11 5 11 38 36 38
Witbank 27 9 9 9 30 34 36
FC Cape 28 8 10 10 33 39 34
Thanda 27 8 9 10 30 39 33
Sivutsa 27 7 11 9 24 31 32
Maluti 28 6 11 11 42 55 29
Roses 27 3 9 15 19 40 18
Blackburn 27 3 6 18 18 43 15