NONHLANHLA MKHABELA
U MCULI wowokholo waKwaMashu, uthi ngenkathi engena emculweni wokholo wayezitshela ukuthi konke kuhamba kahle kulolu hlobo lomculo ngoba kwenziwa umsebenzi kaNkulunkulu kodwa wafunda ukuthi nakhona kunzima njengalo lonke olunye uhlobo lomculo.
UDeborah Fraser (48) omatasatasa ngoku- hlanganisa i-albhamu entsha athe kulindeleke iphume ngoSepthemba, uthe eminyakeni engu-28 engene emculweni usefunde lukhulu ngale mboni.
“Uma usafika emculweni ungazi lutho uzitshela ukuthi ngoba nakhu wenza umculo wokudumisa uNkulunkulu konke kuzokuhambela kahle kodwa akunjalo. Kuningi okubi okwenzekayo nakulolu hlobo lomculo okwenzeka kuzona zonke ezinye. Abanye abantu benza noma yini ukuphumelela futhi akubona bonke abantu abakufisela okuhle. Indaba yokukhokhela abahleli bemicimbi ukuba bakuqashe nokukhokhela abasakazi ukuthi bakudlale iyenzeka nasemculweni wokholo futhi isike yangithinta kakhulu nami. Kubuhlungu lokhu ngoba nawe kusuke kuyiyona ndlela oziphilisa ngayo nomndeni wakho lena,” kusho uDeborah.
Uthe ngendlela okuke kwaba kubi ngayo emsebenzini wakhe wake waba nanesikhathi lapho wayesebona sengathi akumele engabe ukule mboni ngoba kubonakala sengathi ngeke aphumelele.
“Ngibonga uMdali ongigcinile ngabekezela, ngaphokophela phambili kunzima kunjalo,” usho kanje.
Lo mculi wodumo lwezingoma okubalwa kuzona Imvuselelo, Uma Kungenxa, Nansi Le Nqola nezinye, uthe ufike emculweni ngo-1986 emuva kokuthatha isinqumo sokuya eGoli eyofuna amadlelo aluhlaza.
Phakathi kwabaculi aseke wasebenza nabo kubalwa uHugh Masekela, Miriam Makeba, Mthunzi Namba, Letta Mbulu nomyeni wakhe uCaiphus Semenya, Yvonne Chaka Chaka, Brenda Fassie, John Secada, Quincy Jones, nabanye abaningi.
UDeborah ogabe ngama-albhamu ayisishiyagalombili, uthe njengamanje umatasatasa upheka i-albhamu asebenze kuyona nebhendi yabantu abangu-50 nokuyinto athe uyaqala ukuyenza.
“Okwamanje kusayiyona yodwa ibhendi engisebenzisana nayo kule albhamu kodwa ngeke ngakusho kugcwale umlomo ukuthi akekho omunye umuntu engizosebenza naye kuyona. Umyalezo engiwedlulisa ngayo kusayikhona ukudumisa uNkulunkulu ngoba ungibonise uthando oluyisimanga empilweni yami,” kusho uDeborah.
Uthe ngaphandle kwe-albhamu, unemicimbi eminingi azobe ecula kuyona maduzane.
“Ngo-Agasti 15 kuya ku-17 ngizobe ngidlala kwenye indumezulu yomcimbi wokholo eseCongo kuthi ngoSepthemba ngihambe ngiyocula e-Australia lapho ngimenywe khona,” usho kanje.
Uthe uzobe eyingxenye yeminye imicimbi yokubungaza abantu besifazane njengoba kuqala inyanga yabo namhlanje.
“Ngiyinxusa lezinhlelo zikaDudu Khoza (woKhozi FM) zokugqugquzela abantu besifazane kanti ngo-Agasti 27 sizobe sihambile naye nabanye siye eMnambithi ukuyogubha khona inyanga yabesifazane, ikhona neminye imicimbi eseSoweto engimenywe kuyona ukuzogubha,” kusho uDeborah.
Unxuse abantu besifazane ukuba bafunde ukwesekana bebodwa ukuze bathuthukisane empilweni.
“Abantu besifazane baseNingizimu Afrika bakhule kakhulu, basemabhizinisini benza okuningi okuhle nabo bahle bayazithanda. Ngisho uhamba emgwaqweni uyabona ukuthi sithuthuke kakhulu singabantu besifazane kodwa kusashoda ngasekwesekaneni sisodwa. Kumele kuphele ukuthi uma ngibona okungahambi kahle komunye ngimhlebe noma ngihleke kodwa kuqale ukuba neqiniso, sixoxe sibonisane,” kusho uDeborah othe abantu besifazane abamgqugquzelayo nguWinnie Mandela noYvonne Chaka Chaka.