NABEELAH SHAIK
I NINGI lezingane ezineminyaka engu-10 ubudala zigubhe usuku lukaKhisimusi nemindeni yazo, zijabulela futhi zidlala ngamathoyizi ayizipho.
Kepha intombazanyana yaseNtshanga ebifunda uGrade 3, uKhisimusi iwudlele esibhedlela ngemuva kokudlwengulwa, yagwazwa amanxeba angu-47.
Uyise wale ntombazanyana elulamela esibhedlela etshengisa isibindi, uthi ibilokhu imamatheka idlala naye ngenkathi eyivakashele.
Le ntombazane yahlaselwa ngenyanga edlule, akukakaboshwa msolwa ngalesi sehlakalo.
Uyise wale ntombazane uthe ubonga kakhulu kulabo mama nomphakathi ngakho konke abakwenzela umndeni wakhe.
“Yisikhathi esinzima lesi kithina. Siyajabula nokho ukuthi indodakazi yethu iyalulama,” kusho uyise.
Ngokusho kwayo, umsolwa wayezofuna udadewabo omdala wangamfica, wabe esedumela yona wayilimaza.
Yatholakala ngakusasa ekuseni ehlathini eliseduze, amathumbu ayo elengela ngaphandle.
Kepha ikusasa layo alifiphele njengoba bekungacatshangwa, iqembu lomama laseHillcrest lazinikela ekumnakekeleni.
Labo mama baqala umkhankaso banxenxa umphakathi ngokuba wusizo ngakho konke kule ntombazanyana.
Baze banxusa neMeya yaseThekwini, uMnuz James Nxumalo ukuba ayakhele ikhaya elisha ukuze ibe sendaweni ephephile uma isiphuma esibhedlela.
Ikhaya ebihlala kulona belingenamafasitela nophahla lungekho.
Omunye womama baseHillcrest uCarey Tonkin ubexhumana nale ntombazanyana nomndeni wayo emasontweni edlule.
“Bengiphuma ngingena ekhaya labo eliselokishini eNtshanga ngibeseka bewumndeni,” kusho uTonkin.
Abanye besifazane abahlanu bakhona eHillcrest nabo bebeqoqa iminikelo enhlobonhlobo ukusiza le ntombazanyana nomndeni wayo.
“Besicela omama banikele ngo-R20, emasontweni amathathu sakwazi ukuqoqa u-R1 500. Lokhu kungubufakazi bokuthi lukhulu ushintsho olungenzeka uma umphakathi ungabumbana,” kusho uu-Annie Musgrave-Beadon omunye womama.
UTonkin yena uthe: “Isimo abaphila kuso sibi kakhulu. Bekungihlupha impela ukucabanga ukuthi uzophuma esibhedlela abuyele ekhaya elingenalo uphahla. Sikwazile ukubatholela impahla yasekhishini, ngoLwesibili sahambisa ifriji emndenini.”
Uthe izindaba ezimnandi ngezithi imeya ikwazile ukubasiza njengoba sekuqaliwe ukwakhiwa kwekhaya elisha lalo mndeni.
Kuyimanje isakhiwo sale ndlu sesiphezulu sesifinyelela emafasiteleni.
“Ngathinta imeya izikhathi eziningi, ngifuna ukuyichazela ngosizi umndeni nale ntombazanyana ababhekene nalo.
“Yavuma ukubakhela umuzi nebala waqala umsebenzi wokwakha. Kusamile okwamanje njengoba kuyisikhathi samaholide kodwa uma ekhishwa esibhedlela kungakaqedwa ukwakhiwa, isikhungo iRob Roy Frail Centre sivumile ukumnakekela mahhala. Sebemlungiselele negumbi elikhethekile eselihlotshisiwe,” kuveza uTonkin.
UMusgrave-Beadon, othe immangazile indlela umphakathi osukume wazinikela ngayo ukuyisiza njengoba sebebheka nokuthi bakwazi ukuyixhasa bayoyifundisa esikoleni esisezingeni eliphezulu eHillcrest ngonyaka ozayo.
Ubonge abantu baseHillcrest ngokuvula izinhliziyo basiza.