FANELESIBONGE BENGU
N GEKE kugcine kuphela ngokufika komrepha wase-USA oqopha enkampanini iMaybach Music, uRick Ross kuleli kodwa nayo uqobo imoto iMaybach isendleleni.
URick Ross kulindeleke ukuthi anandise eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMeyi 2.
AbakwaMercedes Benz South Africa bathi iMercerdes-Maybach S500 izotheleka ngekota yokugcina nonyaka.
Kuzokhumbuleka ukuthi iMaybach isenkampanini yakwaDaimler AG okungabakhiqizi beMercedes Benz. NgoNovemba 2011 abakwaDaimler bamemezela ukuthi kuyaphela ngeMaybach ngo-2013 bakhiqiza iMaybach yokugcina ngo-2012. Lokhu kwakudalwe wukuthi ayidayisanga kahle.
Ngasekuqaleni konyaka odlule abakwaDaimler baphinde bamemezela ukuthi iMaybach iyabuya kodwa izobe isibizwa ngeMercedes-Maybach okuwubutsetse beMercedes-Benz S-Class.
Ngo-2005 iNkosi uMswati wathenga i-limousine yeMercedes Maybach okwakuthiwa ibiza u-$500 000
Yize ingekho imininingwane ephelele ngale moto kodwa kuthiwa phesheya ibiza u-$166 700. Ngokwe-website yakwaDaimler le moto yakhelwe osomabhizinisi abangafuni ukushayela kodwa abafuna ukuhlala ngemuva kwazise inezihlalo ezintofontofo futhi inesikhala sokulula nemilenze.
Ezinye izimoto okulindeleke ukuthi zethulwe nonyaka yi-C63 S-edition, V-Class, Vito, S500 plug-in hybrid ezofika ngo-Agasti, AMG-GT ezokwethulwa ngekota yesithathu neGLE 63 S-Coupe yesithathu.