SIZWE BLOSE
UMSAKAZO ongenisa inzuzo kwaSABC, iMetro FM kumele wenze okuthize ngohlelo lwezingxoxo olushayelwa nguRams Mabote olungena ebusuku ngo-7.30 kuya ku-9.
Ngiyabuhlonipha ubuhlakani bukaRams oke waba ngumeluleki kaNgqongqose uTina Joemat-Pettersson. Inkinga enginayo wukuthi ubanqanda kakhulu abalaleli bakhe.
Isikhathi esiningi abantu abalalela lolu hlelo ngabakhonze ukuphawula ngezinto eziningi ezithinta impilo ikakhulukazi ezihambisana nokubuswa kwezwe.
Kuba buhlungu ikakhulu ngoMsombuluko noma ngoLwesibili uma kunodaba olubathintayo abafuna ukuphawula ngalo kodwa uRams avele akhulume ngezinto ezithinta ezamabhizinisi.
Kungaba yiphutha ukuqhathanisa uRams noSakina Kamwendo obenza lolu hlelo ngaphambi kokuthi lwenziwe uRams.
Kodwa ngingathanda ungivumele ukuthi ngikuveze okwakungichaza ngoSakina. Ngesikhathi sakhe wayenesigaba asibiza nge-Open Line kusukela ngo-7.30 kuya ku-8.
Ngalesi sikhathi abantu bebevamise ukukhuluma ngayo yonke into ebathintayo, lokhu kwakuliphakamisa uhlelo ngoba ababephawula ngakho kwakuthinta wonke umuntu.
Ngicabanga ukuthi uma ushintsha obekwenziwa umsakazi obekhona, awushintshi yonke into, into esebenzayo uqhubeka nayo.
USakina ubenza uhlelo lube ngolwabalaleli. Inkinga yami noRams ubuye agxile ezintweni azikhonzile njengezithinta amabhizinisi. Lokhu kugcina kungabakhululi abantu ukuthi baphawule ngezinto ezibathintayo.
Njengoba ngisho, angibungabazi ubuhlakani bakhe, inkinga kungenzeka ukuthi akuyena odala lokhu kodwa umdidiyeli wehlelo.
URams uyafana no-Ezra Ndwandwe, Given Mkhari, Tim Modise nabanye abake baphatha lolu hlelo kodwa inkinga isekuhlelekeni kohlelo.
Ake sisondele kwamakhelwane, sibonge ukubuya kwe Ndaba eshayelwa u-Alex Mthiyane. Bese siyikhumbula. Ngiyazi uMthiyane uthinta izindaba ezahlukene hhayi ezepolitiki kuphela.
Ngingajabula uma lolu hlelo lungaqala ngesonto lokuqala onyakeni omusha, kwazise kuneJanuwari 8 Statement ecacisayo ukuthi ikhalenda lezepolitiki liqalile alukho uhlelo olusicacisela ngokwenzeka kwipolitiki njengalolu lukaMthiyane. Ngiphinde ngiyithande kakhulu Indaba ngokunika abantu ithuba lokuthi baphawule nokulanda ongoti emikhakheni ehlukene ukuthi basikhanyisele ngezihloko.
Inkinga engiba nayo ngeyokuthi lolu hlelo siqala ukuluzwa ngoLwesibili. Kungangithokozisa ukuqala ukulilalela ngoMsombuluko ngoba phela ziningi izindaba ezenzeka ngempelasonto. Njengabalaleli abakukhonzile ukubeka imibono ayibe isashaya emhloleni uma isidlulelwe yisikhathi.
UMthiyane uwuqonda kahle umsebenzi wobuntatheli nokubaluleka kokuzwakala kodaba kuqala ohlelweni lwakho.
Asivume ukuthi uMthiyane unekhono, ungamnika uhlelo luka-6 kuya ku-9 alwenze ngobunyoninco.
Okuhle ngaye engicabanga ukuthi abantu abaningi bayakukhumbula ekuseni, yizihloko ezibalulekile ezinika abalaleli ulwazi nokwenza umlaleli alalele. Cha kuningi esikufundayo ohlelweni lwakhe.
Ngisathinta indaba yohlelo oluvulelekile, ngicabanga ukuthi ngabe uMzokoloko akenzi isono uma engabiza uMthiyane ukuthi azocacisela abantu ngezinto ezithize ezihambisana nokwakha isizwe.
Ngiyaluthanda uhlelo loMzokoloko kodwa inkinga badlala kakhulu ekuseni kanti kuyadinga sazi nangezinto ezibalulekile, zethulwe emphakathini nangendlela ehloniphekile.
Makungabi yiyo yonke into esiyenza umdlalo kumbe sizame ukuyenza ihlaya noma kungenasidingo, kodwa-ke uhlelo lumnandi.