ZANELE MSOMI
U SEPHILA ngokubhaca endlini owesilisa waseVosloorus, eGoli obesolwa ngokubulala ukaputeni weBafana Bafana ne-Orlando Pirates uSenzo Meyiwa, njengoba kuthiwa kunabasakholelwa ekutheni unecala yize adedelwa.
Selokhu akhululwa yiMantshi uDaniel Thulare eyathola bungekho ubufakazi ngoLwesithathu olwedlule, uZamokuhle Mbatha (25), akakwazi ukuqhubeka nempilo ngenxa yokwesaba.
Waboshwa emuva kokuba amaphoyisa ekhiphe umfanekiso wezithombe kufunwa abasolwa ngokubulala uMeyiwa ngo-Okthoba 26. UMbatha wafaniswa nesithombe sowesilisa onezinwele eziphothiwe nezinyo legolide. Yize amaphoyisa ayeseke abopha abanye abasolwa babuye badedelwa kodwa kuMbatha athi anesiqiniseko sokuthi abambe okunguyena.
ENkantolo yeMantshi eBoksburg kwavela ukuthi abukho ubufakazi obuhlanganisa uMbatha naleli cala isiphetho salo esibhekwe abantu abaningi.
UMnuz Nathi Mncube okhulumela i-NPA wakuqinisekisa ukuthi uMbatha ukhululwe ngenxa yokushoda kobufakazi.
Kusukela kuboshwe uMbatha umndeni wakhe wawukhala ezimathonsi uthi uyasukelwa ngoba kuthiwa ngesikhathi sesigameko wayenamanye amalungu awo. Enkantolo umndeni wafika ngetekisi, okuthe uma ededelwa unina wakhihla isililo waze waxhangwa eyongena emotweni.
Emuva kokukhululwa kukaMbatha kuvele ukuthi ummeli wakhe uMnuz Mxolisi Ndwandwe uthe uzobopha uMbuso ngalesi senzo esifake umndeni wakwaMbatha enkingeni.
Izolo uNdwandwe wenqabile ukukhuluma wacela kuthintwe uMnuz Sabelo Nyawo okhulumela umndeni.
UNyawo uthe basaphoxekile ngendlela okusingathwe ngayo lolu daba oselwenze yama nse impilo kaMbatha.
“UZamokuhle usemncane kusadingeka abe nempilo, athole nomsebenzi kodwa akasakwazi ukukwenza konke lokho. Okusiphatha kabi wukuthi amaphoyisa akhuluma esidlangalaleni ukuthi abophe umsolwa okunguyena, okuthe uma esemdedela angaxolisa angatshela nomphakathi ukuthi enze iphutha. Esikhundleni salokho athe asengambopha uma kuvela obunye ubufakazi. Kumanje kunabantu abasakholelwa ukuthi nguye umbulali,” kusho yena.
UNyawo uthe kwasekuqaleni babenesiqiniseko sokuthi umsulwa ngoba akanalo izinyo legolide.
“Asikwazi nokutshela abantu ukuthi ukuphi ngoba siyesaba, akakwazi ngisho ukunyakaza. Sicabanga ukuthi uyokhululeka mhla kwaboshwa umbulali wangempela,” usho kanje.
Ukhale nangokuthi amaphoyisa asaqhubeka nokuhlukumeza uMbatha ngokuthi azombheka ukuthi ukhona yini ekhaya. Uthe ezimpahleni ayezithathile asabuyise umakhalekhukhwini kuphela.
Mayelana nokubopha uMbuso uthe abakafuni ukukhipha imininingwane kodwa ummeli usebalulekile. Uthe ngeke kushaye uMsombuluko bengaphumelanga obala ngesinqumo.
Amaphoyisa akhiphe uR250 000 ozonikezwa ozoletha ubufakazi obuzoholela ekuboshweni kukamsolwa ongakatholakali.