NONTUTHUKO NGUBANE
KUZOFAKWA iminxa emisha yabanekhono lobuciko bezandla kwiMbokodo Women in the Arts Awards yakulo nyaka ehlomulisa abesifazane abenza imisebenzi emangalisayo.
Ngo-Agasti 9 nonyaka okuwuSuku lwabeSifazane kuleli kuzomenyezelwa abaqokwe eminxeni eyahlukene kwezobuciko.
La ma-awards azoba ngoSepthemba 4 nonyaka eGoli.
Bangu-65 abakuleli abakulo mkhakha wezobuciko namasiko abazoklonyeliswa ngokwenza kahle.
Eminyakeni edlule kuke kwaklonyeliswa uSibongile Khumalo, Mahhotela Queens, Antjie Krog noLira.
Kulo nyaka kuvezwe ukuthi kuzokwengezwa iminxa yezolimi nokuxoxwa kwezindatshana (izinganekwane), imfashini, nobuciko bokwakha okuyizithonjana ngezandla (crafts).
Isikhulu kula ma-awards, uCarol Bouwer ( osesithombeni), sithe kumanje bamatasa nohlu lwabantu abazoklonyeliswa.
“Kumanje siyapheka siyathulula abantu esizobamemezela ngoSuku lwabeSifazane ngo-Agasti 9 abazongenela imiklomelo ehlukene. La ma-awards awokuncoma nokuhlonipha igalelo labesifazane abasemkhakheni wezobuciko, usiko nemvelaphi yaseNingizimu Afrika. Ubuciko badlala enkulu indima kuleli ngesikhathi kuzalwa inkululeko. Kunabesifazane abafana nomama Miriam Makeba, Brenda Fassie, Nadine Gordimer noLetta Mbuli abadlala enkulu indima behamba phambili emzabalazweni,” kusho uCarol
Kule miklomelo kukhona eyokubhala, izinkondlo, ababazi, abadwebi, abaculi, izintatheli neminye iminxa yezobuciko.
UMariam Makeba wake waklonyeliswa nge-Lifetime Achievement Award.
Abaqokwayo basuke bekhethwe abasebenza nabo.
La ma-awards asungulwa ngo-2011 ethulwa ngokusemthethweni ngo-2012. Inhloso yawo kwakungukugqugquzela abesifazane abazimisele emsebenzini wezandla nowobuciko ukuba bathole ukunconywa okubafanele.
UCarol uthe isikhathi esiningi abesifazane abakule mikhakha abakutholi ukuhlonishwa okubafanele wathi kula ma-awards wasebenzisa kakhulu isiqubulo esithi: “wathinta abafazi, wathint’imbokodo.”
Umcimbi wama-awards uzobe uwubukhazikhazi futhi kulindeleke abesifazane abadumile bakuleli babe yingxenye yawo.