FANELESIBONGE BENGU
IYAQALA ngempelasonto imicimbi yobumnandi yemisakazo enabalaleli abaningi KwaZulu-Natal, iGagasi FM noKhozi FM.
Ngokujwayelekile njalo uma sekuzosongwa unyaka le misakazo iba nemicimbi yokuzijabulisa ezindaweni ezahlukene.
Umcimbi woKhozi FM ubizwa ngeNyus’iVolume lapho kusuke kugqugquzelwa khona abantu ukuthi “bajabule bazibheke”.
OweGagasi FM wona ubizwa nge-Ila Ngil’thola Khona kanti uzoqala ngeSonto ngeDurban Beach Festival eSunKist Beach, eThekwini.
INyus’iVolume izoba se-Indoor Sports Centre, eMnambithi ngoMgqibelo kusukela ngo-9 ekuseni kanti kungenwa mahhala.
Ngokwesikhangiso esikwi-website yoKhozi, abaculi abazobe beboshelwe kubalwa kubo uShakes noSingil, T’zozo, Casper Nyovest, Thokozani Langa, Imithente, Hlengiwe Mhlaba, Malini, Mgarimbe nabanye.
Kulo mcimbi kungenwa mahhala. Ngesonto kulindeleke ukuthi ibe seMgugundlovu.
Okhulumela iGagasi FM, uKhulekani Shandu, uthe emcimbini wabo ngeSonto bazobe bebophele uProfessor, AKA, KO, DJ Tira, Le Soul, Mzokoloko nabanye. Uthe kungenwa ngo-R100 esangweni.
“Asigcini ngobumnandi kuphela ngoba ngoMsombuluko sizohambela elinye ikhaya labahluphekayo siyobapha izipho, kuthi ngoLwesihlanu sibe seGamalakhe senze okufanayo ngaphambi kokuthi sibe nomcimbi wobumnandi ePort Shep-stone ebusuku.
“Sisazohambela naseMgungundlovu,” kusho uShandu.