FANELESIBONGE BENGU
U KWANDA kwezingozi zomgwaqo sekuholele ekutheni abagqugquzeli beMsinga DriftKhana bathathe isinqumo sokufundisa izethameli zomdlalo wabo izindlela zokuzivikela.
IMsinga DriftKhana, Isolezwe elingabanye babaxhasi bayo, izoba seMphelankani, eMsinga, kusasa kusukela ngo-10 ekuseni.
UBruce Jalubani, okhulumela lo mdlalo, uthe yize kwaziwa ukuthi kulo mcimbi wabo inhloso enkulu wukujabulisa umphakathi waseMsinga nezihambeli kodwa kubalulekile ukuthi abanye bahambe kukhona abakufundile.
“Kunomuntu ohlale ekhala ngokuthi imoto yakhe iyawudla uphethroli noma amabhuleki ayashesha ukuphela kanti empeleni yindlela yena ashayela ngayo,” kusho uBruce.
Uthe ngaphandle kwalokhu bazoqeqesha nabantu ngezindlela zokuzivikela ezimweni ezithile.
“Siyazi ukuthi ngalesi sikhathi sonyaka imvula ijwayele lokhu okwenza ukuthi imigwaqo ishelele. Amabhuleki lapho ngeke uwabambe ngendlela ojwayele ukuwabamba ngawo uma umgwaqo umanzi. Lezi yizinto ongafundiswa zona uma uthola ilayisensi yokushayela,” kusho uBruce.
Uthe kungalesi sizathu bememe ongoti bakwaJaguar, eMhlanga ukuba kube yibo abazoqeqesha abantu ngezindlela zokuzivikela ezimweni ezinzima.
U-Andrew Matthewson ongomunye wabaphathi bakwaJaguar, eMhlanga, uthe bajabule kakhulu ngokuba yingxenye yeMsinga DriftKhana.
Uthe bazofundisa abantu ngezinto eziningi ezahlukene njenge-advanced driving ne-defensive driving futhi abafuna ukwazi kabanzi bangavakashela i-website ethi www.jaguarexperience.co.za ukuze bazi kabanzi ngezinto abazifundisayo.
KwiDriftKhana kuzobe kudlalwa izimoto zishaya izidudla nokunye kanti kuzoncintisana abashayeli abadumile kuleli okubalwa kubo uMagesh, Rasta, Bull, Marsel, Ground nabanye. Abashayeli bazobe bebanga imali engu-R80 000 isiyonke.
Kulindeleke ukuthi kube khona osaziwayo okubalwa kubo u-Andile Mxakaza (Fezile) noBheki Mkhwane (Samson Ndlovu) abalingisa kwi Sibaya.
Akuzogcina ngokudlala izimoto kuphela njengoba ebusuku kuzoba nomcimbi wobumnandi lapho kuzonandisa khona abaculi noDJ okubalwa kubo uDuncan we Tsiki Tsiki, DJ Kotin, Merlon noMondli Ngcobo abanengoma eshisa izikhotha ethi Koze Kuse, DJ Happy Gal, Junior De Rocka nabanye.
Amathikithi atholakala esangweni ngemali ephakathi kuka-R50 noR400.
UBruce uthe nezindawo zokulala zizobe zikhona ngemali ephansi.
“Kuzoba namatende okukhempa okuzoba nemibhede, izingubo, amanzi ashisayo nogesi. Kuzogadwa ubusuku nemini. Abantu ababekise izikhala ku-033 493 0918,” kusho uBruce