FANELESIBONGE BENGU
I QEMBU lengxubevange yomculo oshaya ngesigqi se-house, iMuzart, lithi ukudlalela umrepha uKhuli Chana uma enandisa akusho ukuphela kwalo njengeqembu elizimele.
IMuzart ihlanganiswe nguRorisang “Rori” Thandekiso owayethula izinhlelo kwiYoTV!, Tshegofatso “Tazzy” Lehutso, Victor “Vic” Chauke, Sol Mosetle nendodana kaJabu Khanyile ongasekho uNkanyiso “Jabu Jnr” Khanyile.
Leli qembu lizakhele igama ngengoma ethi Jukebox kanti muva nje liphusha ethi Oh Yeah esisetshenziswa yisiteshi sethelevishini esingakhokhelwa i-e.tv ezikhangisweni zaso.
IMuzart isiqale ukubonakala ezindaweni ezahlukene isebenza njengebhendi kaKhuli Chana.
Abanye bese bezibuza beziphendula ukuthi ayisagxilile yini emculweni wayo.
UJabu Jnr uthe akuphelile ngabo futhi abasiyona ibhendi kaKhuli Chana.
“Into eyenzakalayo wukuthi siphethwe yinkampani eyodwa iDreamteam SA. Uma uKhuli Chana eyonandisa sihamba naye sidlale kuqala bese eyangena siqhubeke nokudlala. Futhi eqenjini lethu kunophrojusa odidiyela izingoma zikaKhuli Chana,” kusho uJabu Jnr.
Uthe yibona abahlela izingoma zakhe bahlele nokuthi uzocula kanjani.
Uqhube wathi basazobonakala noKhuli Chana njengoba besahlela ukwenza umjikelezo ozohambela izindawo ezahlukene.
“Kulo nyaka ngeke siyikhiphe i-albhamu kodwa sizosebenza nabantu abahlukene, uKhuli Chana ngomunye wabo. Sisahlela umjikelezo obizwa ngeKhuli Chana featuring Muzart noma ubizwe ngeMuzart featuring Khuli Chana,” kusho uJabu Jnr.
Ngonyaka odlule iMuzart iqokwe kabili kumaSama kwiBest Newcomer neBest Album nge-albhamu eqanjwe ngegama labo iMuzart.
NakumaMetro FM Music Awards nyakenye yaqokwa kabili kwiBest Newcomer nakwiBest Group. Ngeshwa ikhale ngaphansi kule miklomelo.