INTATHELI YESOLEZWE
N GOLWESINE kwavela ubufakazi obushaqisayo eNkantolo yesiFunda eThekwini ngendlela okwabulawa ngayo owesifazane womdabu waseNdiya owabe engumahosha maqede abasolwa bamshumpula ikhanda omunye wabo waliyisa enyangeni eyabe imthembise uR2 million uma efike nekhanda leNdiya, noma elomlungu okanye lekhaladi.
Izolo abasolwa abathathu abangeke badalulwe amagama ngenxa yeminyaka yabo, bekulindeleke ukuba bavume icala lokubulala uNksz Desiree Murugan (39) kodwa babuye bashaya ingwiji batshela iMantshi ukuthi bayaliphika icala. Abanye ababhekene naleli cala ngoSibonakaliso Mbili (32), noVusi Gumede (30).
IMantshi u-Anand Maharaj ibe isilihlehlisa icala ukuze liqhubeke ngoMsombuluko ozayo. UFalakhe Khumalo (18) owayengomunye wabasolwa kodwa walivuma icala wagwetshwa udilikajele echaza ngokusuka nokuhlala kwalolu daba wathi, inyanga eyabe imelapha isifo socansi ngo-Juni 2013 yamthembisa ukumnika u-R2 million uma eyilethele ikhanda leNdiya, elomlungu noma elekhaladi.
Uthe emuva kokuba esesindile ekuguleni kwakhe waya enyangeni uMbili (ambiza ngo makhosi) naye ongumsolwa kuleli cala ukuze amnike umuthi wokuphelemoyeni angabanjwa amaphoyisa kanye nabanye ayezokwenza nabo lo msebenzi.
Ngobusuku bango-Agasti 17 uKhumalo nabasolwa abathathu abangaphansi ngeminyaka, wathi bayenga uNksz Murugan ukuba eze enkundleni yezemidlalo eShallcross eduze kwaseChatsworth. Wathi wamkhokhela uR100 ngokuya naye ocansini nokumpotoza.
“Ngesikhathi sisocansini, umsolwa wokuqala waqhamuka ngemuva kwami ephethe ummese i-okapi kodwa umufi wakwazi ukumbona. Ngabe sengimvala umlomo ukuze angabangi umsindo. Ngambamba ngqi ngamsondeza eduze ukuze anganyakazi nakancane,” kuchaza uKhumalo.
Isidumbu sikamufi satholwa sinamanxeba alinganiselwa ku-195.
UKhumalo wathi ikhanda wabe eselithatha eliyisa kuMbili ohlala ogwini lesifundazwe KwaZulu-Natal. Uthe ngesikhathi bengena endlini lapho uMbili elaphela khona, waqhamuka ephethe ucelemba, ifosholo namathini amabili.
“Wathi angisike amashiya kuleli khanda, nami ngenze njalo. Umakhosi (Mbili) wabe eselihlahlela ikhanda wakhipha ubuchopho nolimi wakufaka kulamathini amabili,” kuchaza uKhumalo. Uthi amathini abe esegqitshwa emuva kwendlu kaMbili.
UKhumalo waboshwa engakayitholi imali yakhe eyethenjiswe yona ngalo msebenzi.