FANELESIBONGE BENGU
UMCULI we-kwaito oseneminyaka eyibambile emculweni, uThebe, ukhala ngokuvilapha kwabaculi bamanje athi yikho okubalekisa abathengi bomculo.
UThebe wodumo lwezingoma okubalwa kuzo ethi Re yadi busa, Safety Belt, Nomathemba, uthe umculo wamanje usuyafana.
“Abaculi abaningi manje benza izinto ezifanayo. Awusakwazi ukuthi uthi ulalele ingoma ungakezwa izinto eziningi usheshe ukwazi ukuhlukanisa ukuthi yingoma kabani. Isigubhu naso siyafana. Abaculi kumele baqhamuke nezitayela zabo,” kusho uThebe.
Lo mculi uthe umculo wakhe uhlukile futhi abantu bazozizwela kwi-albhamu yakhe entsha ethi The Legend ezophuma ekupheleni kwenyanga.
“Kule albhamu ngisebenze nabafowethu baseKalawa (Jazzmee) okungoBruce noSpikiri. Kukhona ingoma engipike kuyo u-iFani. Angisishintshanga isitayela sami ngoba kasifani nesamuntu kodwa izingoma eziningi izinsimbi zidlalwa bukhoma,” kusho uThebe.
Ngesonto elizayo lo mculi uzobe eKwaZulu-Natal ukuzozwisa abantu bakulesi sifundazwe izingoma zakhe ezintsha.
“Ngo-Agasti 28 ngizobe ngiseNUF Cafe, eNgwelezane kuthi ngakusasa ngiye eMusic Box Lounge, eDundee. Ngo-Agasti 30 nginandise e-47th Avenue, eThekwini kuthi ngakusasa ngibe seMojos Carwash, eCato Manor bese ngiyivala eJoker’s Wild, eMgungundlovu ngosuku olufanayo. Yize umuntu esekhulile kancane kodwa imidanso abantu abangazela yona ngisayishaya,” kusho uThebe.
Uthe kumanje uphusha ingoma ethi Thixo Ndiyabulela abonga ngayo uNkulunkulu ngakho konke amenzele khona.