IMOTO: MERCEDES AMG C63( S)
I ZITAYELA ezihambisana nemfashini, ubumnandi nezinto ezikhala kahle zesimanje kufika kwedlule kodwa ungahamba uwuqede umhlaba iMercedes Benz namanje kuseyimoto wonke umuntu aphupha ngayo ukuthi angendeli koyisemkhulu engahambanga ngayo.
Kungenzeka ukuthi sengenza ihaba kakhulu ngenxa yokuqhutshwa yimizwa enginayo nomlando engiwaziyo ngale moto kodwa ebantwini abaningi esengihlangane nabo njengoba namuhla sengisondela ekuthatheni impesheni, bonke bathi iBenz iyohlala njalo iyiphupho lawo wonke umuntu. Thina nje esakhulela eStonehill ngaphambi kokuba le ndawo ishintshe igama ibizwe ngenduna yaKwaMakhanya, uMakhutha, izimoto sikhule sizazi ngoba bekwande kakhulu oChevrolet, Fiat, ama-“Dansane” kuze kuyofika kuma-Pulsar kodwa uma sekukhulunywa ngeMercedes kwakusuke sekukwelinye izinga.
Okuhle abakwenzile kwaMercedes ukuthi bakuqonde ukuthi wonke umuntu uyazifela ngezimoto zabo base benza isiqiniseko sokuthi bayiphaka ngonina ukuze umuntu ahlabe lapho ethanda khona futhi athathe into ezolingana umthamo wakhe.
Manje sekwaba khona ama-A, B,C, E class njalonjalo zonke lezi zinhlobo zama-Mercedes zishiyana ngamanani.
Ake ngingene odabeni lwanamuhla kungaze kuphole izinto. Imoto yabo yakamuva iMercedes-AMG C 63.
Inkosi yomgwaqo lena ephuma nenjini engu-4.0-litre V8 biturbo. Kuba ukuwushaya nje ukhiye bese izamula imakwabo njengoba ikhafula amandla asukela ku-375kW kuleyo eyi-C 63 S. Kanti empeleni amandla ayo asukela ku-350kW.
Injini yale moto ixoxa indaba futhi ikukhombisa ngokusobala ukuthi kungani iMercedes Benz iqhubeka nokudla izicoco emijahweni ye-Formula One.
Kukhona indlela oyishayela ngayo uma ufuna ishibilike emgwaqweni ngokuyithatha uyibeke kwi-AMG ride Control lapho izifaka yona kwi-sport suspension.
Ezimotweni zakwaMercedes Benz ezisesigabeni i-C Class le V8 okwamanje iyona inkunzi eshaya amaphiko kulesi sitebela.
Kuyamangaza nokho ukuthi inkunzimalanga engaka yemoto iwonga ngale ndlela uphethroli ngoba bheka nje ngebanga lika-100km isebenzisa kuphela amalitha angu-8.2 ekubeni ingu-8 cylinder.
Ngemizuzwana emine iyakwazi ukureva isuka ku-0 ifinyelele ku-100km/h, nejubane layo eliphezulu eligcina ku-290km. Angikweluleke nje ukuthi kulula ukudlula ku -200km/h uma uhamba ngeMercedes Benz ngoba akulula nokuyizwa uma isigijima.
Lokhu ngikufakazele emasontweni amabili edlule ngihamba nezinsizwa esikhule nazo eStonehill nge-C250 Estate, ukuthi emgwaqweni ovulekile le moto iyayicela indlela futhi ithembekile ngoba iyabambelela nasemgwaqweni.
Uma usubhekisisa kahle umehluko phakathi kwe-C 63 ne-C63 S usenjinini.
KwaMerc bathi benze isiqiniseko sokuthi le C63 yakhiwe ngendlela yokuthi yonge kuphethroli uma beyiqhathanisa nendala eyilamayo i-6.3 litre V8 kodwa yona eyayinamandla ebhubesi.
Le njini entsha engu-8 cylinder iphuma nama-turbo charger amabili angafakiwe ngaphandle ebekuyinto ebingenzeki phambilini kodwa kulokhu bawaxhume ngaphakathi lapho injini ithi ayimise khona okophawu u-V yingakho nje izazi zakwa Mercedes lokhu zikubiza nge-'hot inside V'.
Bathi okuhle ngalokhu ukuthi kuyisitayela nje esihlukile, kwenza nokuthi injini izwakale phakathi kwezinye izimoto uma iduma futhi kwehlisa nezinga lesisi sentuthu engcolile ekhafulwa wu- okzozo ngemuva.
Uma bezilanda kwaMercedes bathi kunohlelo olusha olubizwa nge-spray-guided combustion process oluhambisane nezinto ezithinta umthetho olawula izimoto ezithile okungenzeka usebenze esikhathini esizayo.
Ngalokhu bathi injini iyakwazi ukuzipholisa uma isishisa kakhulu nemoto idla amagalani.
Amasondo nawo bathi ayakwazi ukwehlisa izinga lokushisa ikakhulukazi uma uyishaya emzileni we-tracker lapho kusuke kudleka khona kakhulu amasondo, lokhu bathi kunyusa namandla emotweni.
Okunye abakushoyo ngale moto ukuthi i-exhaust system yayo isebenza ngezindlela ezihlukene okusho nangendlela ebhonga ngayo kuye ngokuthi imoto ihamba ngaliphi ibanga okungaba ibanga elide noma uyazingcebelekela nje edolobheni umsindo ka-okzozo uzohluka.
SESISONGA NGE-AMG C 63
Imoto okumele uzinike isikhathi uyifunde kahle ngoba ijubane layo lidinga umuntu osevuthiwe esiteringini.
Akumele usabe ukuthi izokudla kakhulu ephaketheni ngokubona injini yayo njengoba kwaMercedes bethi idla amalitha alinganiselwa ku-8.2 kaphethroli ngebanga lika-100km.