FANELESIBONGE BENGU
I QEMBU ebeliqopha eKZN Music House, i-Afro Soul, lithe selisike iphethini kwabanye abaculi ngokuhambela imiphakathi lizidayisele mathupha umculo walo.
I-Afro Soul, ehlanganiswe nguThandeka Zulu, Sabelo Ngema noSergent Malishe ibisohlwini lwabaculi abakhululiwe kulesi sikhungo kanti manje isizozenzela izinto.
“Sesizithengile izipikha zethu ezinkulu kanjalo ne-generator. Sizohambela amarenki nakuzo zonke izindawo lapho abantu bekhona sibadayisele ama-CD ethu,” kusho uSabelo.
Umculi wowokholo uSfiso Ncwane ujwayele ukuhambela izindawo namarenki ekhuthaza abantu ukuthi bathenge umculo wakhe kanjalo noBongani Maduna.
USabelo uthe njengamanje bamatasa ne-albhamu entsha abazoyikhipha nonyaka.
“Maphakathi nenyanga ezayo sizokhipha ingoma ethi Celebrate esigubha ngayo iminyaka engu-13 i-Afro Soul yasungulwa. Manje sesinezingoma ezingu-13 ze-albhamu entsha. I-albhamu sizozisabalalisela yona thina,” kusho uSabelo.
I-Afro Soul ngeledlule ibinandisa ePlayhouse emcimbini obizwa ngeSundonwer.
Lo mcimbi okungenwa kuwo mahhala uba njalo ngoLwesihlanu lokugcina enyangeni.
Kunandisa kuwo abaculi be-jazz, soul ne-neo soul.
Leli qembu, ebelihambisana nebhendi, lishaye izingoma zalo nezabanye abaculi okubalwa kubona iSoul Brothers elishaye ingoma yalo ethi Ngiyakukhumbula Mama, Brenda Fassie, Jabu Khanyile noMbongeni Ngema.
“Sithe asicule izingoma zezinkakha esibukela kuzona,” kusho uSabelo.