BONISWA MOHALE
U SHAYWE ngoswazi oluncane umshayeli wamatekisi ahambela kwa-E,F,G nakwa-H eMlazi osolwa ngokuchapha ngenhlamba abagibeli njengoba enikwe isigwebo sokumiswa izinyanga ezintathu engasebenzi esilengisiwe.
Izolo osomatekisi abakusoseshini uMlazi North ophethe amatekisi akwa-E, F, G no-H bambizele esigungwini sokuqondiswa izigwegwe umshayeli uMusa Mzobe obekhaca abagibeli.
Ngokusho kukaNobhala kasoseshini uMnuz Dumisani Gasa, luxoxiwe udaba lukaMzobe yisigungu esiqondisa ubugwegwe bafinyelela esinqumeni sokuthi anikezwe isigwebo esilengisiwe ngoba akekho umgibeli oseke wafika kubona ezombika bekungokokuqala bezwa udaba lwakhe kwi Solezwe.
“Umshayeli ophatha kabi abagibeli ugwetshwa izinyanga ezintathu engasebenzi kulo soseshini. Uma uMusa etholakala enza icala elifanayo uzoxoshwa unomphela.
“Okwamanje ngoba bekungekho umgibeli ongummangali oze lapha ehhovisi yingakho sikhethe ukusilengisa isigwebo. Udonswe ngendlebe ukuthi angaphinde athuke abagibeli ngoba ngokuzayo uzoxoshwa,” kusho uGasa.
Yize uMzobe ezithukile izintatheli ze Solezwe ngesikhathi ebhekene nesigungu esiqondisa ubugwegwe kodwa uveze ukuthi unezinyanga eziyisishiyagalolunye engayithuki inhlamba.
Amanye amalungu kasoseshini aphinde abe sekomidini lokuqondiswa ubugwegwe oMnuz Sthembiso Gasa noMnuz Sthembiso Kubheka bathe abagibeli babuye bangabi neqiniso ngoba asikho isikhalo esinganakwa uma sike sabizwa ehhovisi labo.
“Amahhovisi ethu ahlale evuliwe zonke izinsuku kusukela ekuseni kuze kube ngu-5 ntambama, abagibeli benza sengathi kukhona okubikwayo kunganakwa okungesilo iqiniso ngoba uma benganeme ngomshayeli siyamqondisa ubugwegwe,” kusho uKubheka.
UMnuz Mike Sithole obekhona naye ngesikhathi kudingidwa udaba lukaMzobe uthe basheshe balusukumela lolu daba ngoba abamfuni umshayeli ophatha kabi abagibeli babo.
“Abagibeli ngobasi bethu sidla ngabo, uma sekuthiwa kukhona umshayeli obachapha ngenhlamba kumele sikulungise lokho ngoba kungcolisa igama lethu kuphinde kuhlukumeze abantu ababalulekile kuthina.
“Uxolisile enhlanganweni futhi uzoxolisa nakubagibeli sizohlela ukuthi nizomthwebula izithombe azixolisele ngokuhudulela phansi igama lethu nokuphatha kabi oBasi bethu,” kusho uSithole.
USihlalo kasoseshini uMnuz Mbuyiseni Hadebe uqinise idolo abagibeli babo ngokuthi akekho umshayeli ozobaphatha kabi angajeziswa. Ubagqugquzele ukuthi babike uma kukhona lapho benganelisekile khona ngoba zonke izigameko zokungaphathwa kahle kwabo zizosukunyelwa.