CHARLES KHUZWAYO
I MBONGI uMzwakhe Mbuli isinxuse umphakathi waseNingizimu Afrika ukuba uzisondeze kuNkulunkulu ngoba ukushona kosaziwayo sekuthanda ukuba ngaphezu kwamandla.
UMbuli ubephawula ngemuva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kwesilomo somculi uSenyaka Kekana (59) izolo.
Yize ingakaziwa imbangela yokushona kwalo mculi wodumo lwenoni likaDJ Walker elalithi Chesa Mpama nelithi Go Away kodwa omunye wabangani bakhe uthe uSenyaka uqale wakhala ngesisu ngesikhathi bethi baqopha i-video yengoma yakhe ethi Chesa Mpama Remix.
Ushonele esibhedlela saseVereeniging, eGoli, iKopanong.
“Size saphoqeleka ukuba sikumise ukushutha,” kusho lo mngani kodwa uMbuli uthe uzwe ngandlebenye ukuthi uSenyaka uke wahlala isonto lonke esibhedlela equlekile.
“Sonke sesihlalele ovalweni ngempela manje ngoba kuqale kwahamba uSimba Mhere, kwalandela uSaba Mbixane, Flabba noCollins Chabane manje sekunguSenyaka.
“Akukashayi ngisho iPhasika kodwa sekuhambe abantu abalingana neminwe yesandla? Abantu baseNingizimu Afrika mababuyele kuNkulunkulu, bathandaze baqinise. Akusemnandi,” kubeka uMbuli.
Izindaba zokushona kukaSenyaka ziqale ukusatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana nguNgqongqoshe wezeMidlalo nezokuNgcebeleka uMnuz Fikile Mbalula obhale ukuthi uzwe ngomculi wekwaito uMahoota.
“Impela silahlekelwe, uSenyaka ubengeyena umuntu omncane. Wabamba elikhulu iqhaza emkhakheni wezobuCiko namaSiko,” kusho uMbalula.
Okuthuse abantu abaningi wukuthi bekungakaze kuzwakale izindaba zokugula kukaSenyaka.
“Lokhu kusishaqile kuvele kwavumbuka njengeTsunami ngoba besingakulindele njengoba besingakaze sizwe izindaba zokugula kwakhe,” kusho uMbalula.
Eqhuba uthe uSenyaka ushone esalungiselela ukukhipha i-albhamu yakhe entsha.
“Ngenyanga edlule bengimlalele uSenyaka ekhuluma noT-bo Touch (weMetro FM). Ubethi uhlela ukukhipha i-albhamu.”
NoMnyango wezobuCiko namaSiko uthe ugqemeke engeqiwa ntwala ngokudlula kwalesi sihlabani.
Ekhuluma kwithelevishini okhulumela lo mnyango, uMnuz Sandile Memela, uthe wabamba elikhulu iqhaza uSenyaka nangezikhathi zobandlululo.
Ngaphandle kokucula uSenyaka ubuye wazakhela udumo ngokulingisa efilimini ethi Moruti Wa Tsotsi nethi Confessions To Moruti wa Tsotsi abedlala kakhulu kuMzansi Magic (Channel 161 kuDStv).
Ubuye wabamba iqhaza nasohlelweni lwamahlaya olwalwenziwa nguDJ Fresh no-Ashifa Shabba ku-SABC2 lapho ayedlala khona indawo yomfundi omdala.
Abaningi bazomkhumbula engcofana nowayeyindlovukazi yomculo we-Afro pop ongasekho uBrenda Fassie.
USenyaka waqala ukungcofa uBrenda ngengoma eyayithi Why Uzond’ Ama-Gents noBrenda waphendula ngethi Ma-Gents, izinhlamvu zakhona ezazithi Wazini ngamaGents uthi ngizond’amaGents.
Akagcinanga lapho uSenyaka kodwa wabuye walandelisa ngenye ingoma eyayithi Brenda Ke Mampara.
Wabuye wahlangana noKamazu basungula iqembu iHunger Boyz eyaduma ngenoni elithi Fong Kong.
Ngonyaka odlule ukhiphe i-albhamu engadumanga ebithi I Am Back.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungakaziwa ukuthi uzofihlwa nini.