MLUNGISI GUMEDE
S ELlNGENE kwelinye igiya icala lombango wobuholi bebandla laseBuhleni kwaShembe njengoba uhlangothi lwaseThembezinhle oluholwa wuMnuz Vela ‘Msebeyelanga’ Shembe selisola iSilo Samabandla uGoodwill Zwelithini ngokuchema nomholi oseBuhleni uMnuz Mduduzi ‘Nyazilwezulu’ Shembe.
Esithangamini nabezindaba eThekwini izolo, okhulumela uhlangothi lwaseThembezinhle, uMnuz Nkululeko Mthethwa, uthe bakhathazekile ngokuthi iMbube ibonakala inobudlelwano noNyazi.
“Siyazi ukuthi iSilo besimenyiwe ukuthi sibe yingxenye yezicukuthwane ngesikhathi kwethulwa isiteshi sethelevishini soNyazi. Esinenkinga nakho wukuthi ubudlelwano baso noNyazi buya ngokuqina njengoba sesakhelwe isigodlo eBuhleni,” usho kanje.
Uthe lobu dlelwano buzoba nomthelela omubi ngoba bona sebebona sengathi iMbube icheme nohlangothi lwaseBuhleni njengoba kuqhubeka icala lombango.
“Uma umunto omkhulu njengeSilo ophethe sonke isizwe samaZulu ezimbandakanya nohlangothi lwaseBuhleni abantu bazocabanga ukuthi okwenzeka eBuhleni kuyikho ngoba bebona nomholi wabo,” usho kanje.
UMthethwa uphinde wahlasela noNgqongqoshe wamaphoyisa kuleli uMnuz Nkosinathi Nhleko wathi ukuzimbandakanya kwakhe nebandla laseBuhleni kunomthelela ongemuhle emalungwini ebandla emazingeni aphansi.
UNhleko uyilungu elaziwayo lebandla laseBuhleni kanti ubekhona ngisho emhlanganweni kaJulayi. Wayekhona futhi nangesikhathi kwethulwa isiteshi sethelevishini iShembe uNyazi TV esidlala kwa-e.TV.
Uthe bezwa kuthiwa sekunamalungu aseBuhleni athi wona ngeke abuqede ubusuku esitokisini ngoba akhonza noNgqongqoshe.
“UNhleko naye ubonakala engumdlali oseka uhlangothi lwaseBuhleni. NgoJulayi uchithe isikhathi sakhe esiningi eBuhleni. Amaphoyisa kulindeleke ukuba angachemi ekwenzeni isiqiniseko sokuthi uma amalungu ebandla exabana akhuze ngendlela efanele kodwa uma umholi wawo ebonakala ethatha uhlangothi, kwenza umsebenzi wawo ube nzima futhi ngeke size siwathembe,” usho kanje.
“Yize iSilo noNhleko kuyilungelo labo ukuthi bangabuzwa ngokuzimbandakanya kwabo nezinto ezithile, kodwa njengabaholi abakulezi zihlalo abakuzo kumele baqaphele ukuthi abakwenzayo ngeke yini kwaba nomthelela emphakathini, kudale nokuthi abantu bashintshe indlela abababuka ngayo,” usho kanje.
UMthethwa uthe ngisho nasemdlalweni we-chess, uma umdlali ezibona exakekile, unyakazisa inkosi njengoba sekwenza uhlangothi lwaseBuhleni ngokwakhela iMbube isigodlo.
Uthe bayakuqaphela futhi ukuthi kusukela kuqale isonto kulokhu kuba nodlame ngaphandle kwasenkantolo. Wengeze ngokuthi lokhu okwenzekayo kuyimizamo yokudunga abantu ukuba bakhohlwe ngokuqhubeka ngaphakathi enkantolo.
Imizamo yokuthola indlunkulu kaZulu ukuba iphawule, ayizange iphumelele izolo njengoba ucingo lukaMntwana uThulani Zulu belukhala lungabanjwa.
UMnuz Langelihle Dube wohlangothi lwaseThembezinhle uthe sebethathe isinqumo sokuthi bangabe besawaletha amalungu abo enkantolo azohlala ngaphandle ngoba begwema ukuthi kungasuki udlame. “Sekuzoba khona amalungu azongena alalele icala ngoba asiyithandi le nto eyenzeka ngaphandle. Kuphazamiseka namalungu omphakathi angahlangene necala,” usho kanje.