CELANI SIKHAKHANE noLUNGI LANGA
A MALUNGU ekomiti lezindaba zaseNdlunkulu esiShayamthetho afuna ibuyekezwe indlela yokuxhumana neSilo samabandla onke uZwelithini kaBhekuzulu ngemuva kokuvela kwehlazo lokuthi asithintwa nhlobo ngezinto eziqondene naso.
Lokhu kuvele izolo ngesikhathi leli komiti lidingida izindaba zaseNdlunkulu nalapho kube nokungagculiseki ngokunqindwa amandla kwamalungu ekomiti ukuthi nawo abe yingxenye yezinhlelo zokuxhumana neSilo uma kukhona okuthinta sona neNdlunkulu yonkana.
UMnuz Sizwe Mchunu weDA uthe inkinga wukuthi abantu abavumeleke ukuxhumana neSilo ngamalungu ekhabhinethi kuphela nokwenza kube nzima ukuthi amalungu ekomiti adlulise imibono yawo ngezinto ezithile.
“ISilo nangesikhathi sivula isiShayamthetho sakhala ngokuthi sesithumele izimemo kaningi sithi sifuna ukuhlangana namalungu ekomiti kodwa lokhu akwenzeki. Yingakho sibona kungcono ukuthi ibuyekezwe indlela yokuxhumana neSilo kungabi amalungu ekhabhinethi kuphela noNdunankulu abanalawo mandla,” kusho uMchunu.
Umholi we-EFF esiShayamthetho, oyilungu laleli komiti laseNdlunkulu uMnuz Vusi Khoza, uthe kwakhona lokhu kuxhumana neSilo okushiwoyo abakuboni kahle ngoba kungenzeka ukuthi amalungu ekhabhinethi asuke ezixoxela ngezinye izinto ezingahlangene neNdlunkulu.
“Yingakho neSilo sikhala ngokuthi akekho umuntu oxhumana naso uma sifake izimemo yingoba nina nivele nizihlalele naso nizixoxele izinto eziseceleni bese nithi nibe nomhlangano naso.
Thina besibona kungcono ukuthi kube nemihlangano ehlelekile neSilo okuzobe kwaziwa ukuthi kusuke kuyokhulunywa ngani ukuze naso sigculiseke,” kusho uKhoza.
Isilo ngesikhathi sivula isiShayamthetho ngeledlule sikhale ngokuthi kuhlale kukhulunywa ngemali esabelwa yona kuthiwe isiphelile kuqashwe nabantu abazobhekana nezindaba zaso kodwa akekho noyedwa osuke esibikelile ngalezi zinto.
Saveza nokuthi sike sabhala incwadi sifuna ukubonana namalungu esiShayamthetho ngezinto ebesizibona emaphepheni ezihlambalaza iNdlunkulu ziyibeke kabi kuze kuthiwe ayisenamali kodwa akekho noyedwa owaphendula.
UNdunankulu wesifundazwe uMnuz Senzo Mchunu uthe akulona iqiniso okushiwo ngemihlangano yabo neSilo ngoba bayaya khona ngendlela ehlelekile bakhulume izinto ezibalulekile ezithinta iNdlunkulu.
“Ngikhuluma nje sike saya eNdlunkulu ngiphelezelwa umhlonishwa (Ntombikayise) uSibhidla Saphetha nomhlonishwa uMike Mabuyakhulu siyoxoxisana neSilo ngezinto ezahlukene.
“Ngakho akukhona ukuthi sisuke siyozixoxela nje izinto ezingasho lutho uma siyohlangana neNgonyama,” kusho uMchunu.
Uphinde wagcizelela ukubaluleka kohlaka oluzoba sehhovisi lakhe oluzobhekana nezindaba zaseNdlunkulu luphinde lubhekane ngqo nezidingo zeSilo nemicimbi yaseNdlunkulu.
UMfu Sipho Gcabashe we-ANC kuleli komiti utshele amalungu alo ukuthi kumele aqonde ukuthi uma uMchunu eya eNdlunkulu eyobonana neSilo usuke engayile njengendoda yaseNhlwathi kodwa usuke eye ngokwesikhundla sakhe sokuba nguNdunankulu wesifundazwe.