MCEBO MPUNGOSE
ABANTU abalindele i-albhamu kaZakwe kuzomele behlise umoya njengoba lo mrepha esekhethe ukuyikhipha ngonyaka ozayo.
Isolezwe limbuza ngalesi sinqumo sakhe, uthe akafuni ukuphazamisa uzakwabo abanaye kwiSphethu Records uDuncan.
I-albhamu kaZakwe bekumele iphume kule nyanga njengoba beseyivele iphumile abegabisela ngayo abantu ebizwa ngokuthi Senzani. UNgane Sikobi ongumsunguli weSphethu Records, ayisungula noZakwe, uthe bayihlehlise ngoba befuna ukunikeza uDuncan isikhala sokuthi enze into yakhe nge Street Government eyenza kahle kakhulu okwamanje.
“Kuliqiniso ukuthi uZakwe bekumele akhiphe emaphethelweni alo nyaka kodwa ngokubona uDuncan enza kahle sabe sesibona ukuthi abangabangisani,” kusho uNgane.
Abantu sebekusho kaningi ukuthi umculo walabo mrepha ucishe ufane njengoba bedla ngoMageba beshaya nangesigqi esicishe sifane. UNgane uthe abantu bangalindela i-albhamu kaZakwe ngo-Ephreli 2015, izobe isishisa kakhulu ngoba usethole esinye isikhathi sokuyilola kahle.
“Njengamanje kwi-albhamu yakhe kukhona uKhaya Mthethwa, Zuluboy, Zola, Skye Wanda, Wanda Baloyi, kuningi okusazokwenzeka njengoba sesiphinde sabanesikhashana sokucubungula kahle lo msebenzi,” kusho uNgane.
ISphethu sisebenzisana kakhlu ne-Afrotainment kaDJ Tira, akakufihlanga ukungagculiseki kwakhe abakwaMTV athi bavalele ngaphandle uDuncan ohlwini lomrepha abalishumi abahamba phambili kuleli ngo-2014. Ekhuluma ngesimo samaciko ehip hop aKwaZulu-Natal asebenzisa ulimi lawo ukhalile ngokuvalelwa kwawo ngaphandle.
“Izisekelo zokusabalalisa abaculi kuleli zigxile kakhulu kumculo waphesheya, size nakwi-hip hop sengathi bayithanda kakhulu uma icishe ifana neyaphesheya. Omrepha abanje ngoMerel abahamba nesigqi sethu nezindaba zethu ezibalulekile abalitholi ithuba. Kodwa siyathemba nathi siyoze silithole ithuba,” kusho uNgane.