MHLENGI SHANGASE
K UZOBUNJWA ithimba elihlanganisa izisebenzi zomnyango weMfundo ePhakeme, ezasehhovisi likaMengameli, ezesikhwama esixhasa abafundi ngezimali iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS), izinhlaka zabafundi nezabaphathi bamanyuvesi, ukubhekana nezinkinga zokuxhaswa kwabafundi ngezimali.
Leli thimba lizokhipha izincomo liziyise kuMengameli Jacob Zuma ngenyanga ezayo.
Lokhu kuvezwe nguMnuz Zuma izolo njengoba ebehlangene nabaphathi bamanyuvesi ezindlini zoMbuso ePitoli.
Lo mhlangano wacelwa wuhlaka lwabaphathi bamanyuvesi ukuze kubhungwe ngezinto eziningi ezithinta imfundo ephakeme.
“Sivumelene ukuthi sisungule leli thimba ukuze liphenye ngezingqinamba ezithinta ukuxhaswa kwabafundi. Lizothula izincomo ngoNovemba 2015. Kuleli thimba kukhona abaphathi ababili bamanyuvesi, abamele abafundi ababili nezinye izinhlaka zezemfundo ephakeme,” kusho uZuma.
Uthe yize kuzobe kuqhubeka lolu hlelo, abafundi kumele babekwe esithombeni ngokuzobe kwenzeka, kuqhubeka nezingxoxo ukuze kungagcini sekuba nodlame nokucekelwa phansi kwempahla.
Uqhube wathi bavumelene ngokuthi bazosebenzisana nazo zonke izinhlaka ukuze baqinisekise ukuthi abafundi bayalazi ibanga eselihanjiwe ekuhlinzekweni ngemfundo ephakeme.
“Amanyuvesi kumele athathe izinyathelo ezinqala kulabo bafundi abanodlame abacekela phansi nempahla. Umthetho kumele uthathe indawo yawo ngoba akumele uma kunezinkinga bese kusetshenziswa izindlela ezingalungile, kucekelwe phansi impahla,” usho kanje.
Uxwayise nalabo abafuna kube nezinguquko emanyuvesi, wathi kumele bakwenze lokhu ngengxoxo hhayi ngempi.
“Uma kuqubuka udlame abaphathi kumele balandele imigomo ebekiwe balandele nomthetho. Yize silihlonipha ilungelo labafundi lokuteleka kodwa lelo lungelo liza nokuziphatha ngendlela.
“Siyasigxeka kakhulu isenzo sabafundi sodlame nokucekelwa phansi kwempahla eNyuvesi yaKwaZulu-Natal namanye amanyuvesi muva nje,” kusho uZuma.
Indaba yesikhwama iNSFAS kubhungwe ngayo kwavela ukuthi yize isinyukile imali yaso isuka ku-R441million ngo-1997 yaya ku-R9.5 billion ngo-2015 kodwa ayikwazi ukufinyelela kubona bonke abafundi.
Unxuse abaphathi bamanyuvesi ukuthi baxoxisane nabafundi kungaze kubheduke iziteleka ezinodlame ngoba abafundi bengakuqondi okwenzekayo.
Enye yezinto okuxoxwe ngayo kubalwa eyezinguquko emanyuvesi njengoba kuzoba nengqungquthela edingida lokhu ngesonto elizayo.
Kulo mhlangano kuvele nokuthi olunye udlame lwenzeka ngesikhathi kukhethwa imikhandlu yabafundi.
UMengameli uthe izikhungo zemfundo ziyindawo evulelekile lapho abantu bebeka imibono ehlukene, wathi akumele kube nokungabekezelelani.
“Asivumi ukuthi ukungaboni ngaso linye kungaze kwenze ukuthi kushaywane kuphazamiseke ukufunda nokufundisa. Sivumelene ukuthi abafundi kumele baxoxe ngokukhululeka nokuthi amanyuvesi kumele abeseke kwezokuphatha,” kusho uZuma.