INTATHELI YESOLEZWE
I ZITHANDANI ezishadile zaKwaZulu-Natal ezifisa ukuba yingxenye yohlelo olusha lwethelevishini olwenzeka ngempela, i Power Couple, zizozibeka ethubeni lokulungenela.
Namhlanje kuzoba nenhlolokhono enkundleni iMoses Mabhida, eThekwini, nokuyilapho abadidiyeli bohlelo bemema khona bonke abaganene baseKZN abafisa ukulungenela.
“Isigaba sokuqala senhlolokhono yalolu hlelo sihambe kahle kakhulu eKapa ngempelasonto edlule. Abashadile baseKapa balinyusile impela izinga kodwa sifuna ukubona ukuthi iTheku lisiphatheleni.
Lokhu ngikusho ngoba ezinhlelweni ezenzeka ngempela zakwaM-Net, kuwina abantu baseKZN, njengakuma -Idols sekuwine uKhaya Mthethwa noVincent Bones nakwi Masterchef SA sekuwine uRoxi Wardman (Kamini Pather noDeena Naidoo),” kusho uLani Lombard okhulumela iM-Net.
Uthe uhlelo lwenhlolokhono luzoqala ngo-7 ekuseni luqhubeke usuku lonke.
Ngenxa yokuthi kuphakathi nezinsuku, izithandani ezishadile zigqugquzelwa ukuthi zifike ngesikhathi sekhefu emini noma uma seziphume emsebenzini kwazise kuzoze kuvalwe ngo-7 ebusuku.
Abazofika ukuzohlola ikhono bazophinde bathole nethuba lokuthathwa izithombe estudiyo esizobe sihleliwe kanti lezi zithombe bazogoduka nazo, kuphinde kube nomshini wekhethelo ozobaqamba igama ngokuhlanganisa amagamo abo, wena owabona abalingisi baseMelika uBrad Pitt no-Angelina Jolie asebebizwa ngoBrangelina.
Lolu wuhlelo olusha okuzongenela kulo abashadile abayisishiyagalombili abazovalelwa esithabathabeni somuzi eKapa nokuyilapho bezobhekana khona nezinselelo ezehlukene ezizotshengisa ukuthi bazana kangakanani, bathembana kangakanani nokuthi uthando lwabo lujule kangakanani.
Imiphumela yemisebenzi abazobe beyenza yiyo ezosho ukuthi ngobani abazophuma isonto nesonto.
Ngokusho kukaLani, izithandani zingawina imali engaphezu kuka-R1 million kulolu hlelo njengoba ilokhu ikhula noma incipha ngokuqhubeka kwalo.
Uthe ngemuva kwenhlolokhono yanamhlanje eThekwini bazonikela eGoli lapho khona ezoba seNdaba Hotel, ngoFebhuwari 28.
Abazongenela kumele kube ngabantu abaneminyaka engaphezu kuka-21 ubudala, babe yizakhamuzi zakuleli ngokugcwele futhi bazimisele ukwenza noma yini ukutshengisa abathandiweyo babo ukuthi babathanda kangakanani.
Lo mdlalo uzoqala ukuqoshelwa eKapa ngoMashi kanti wona uzoqala ukudlala kuM-Net (Channel 101) ngo-Agasti kuwo lonyaka.