IMOTO: Nissan Leaf
SEKUPHELE izinyanga ezine iqalile ukudayisa kuleli iNissan Leaf eyakhelwe ukonga imvelo futhi ehambisana nomkhankaso wakwaNissan wokugqugquzela ukwakhiwa kwezimoto ezingayinukubezi imvelo futhi ezingakhafuli isisi esigcolisa umoya esiwuphefumulayo. Ngokwezibalo ezikhishwe abakwa Nissan emhlabeni wonke sekudayiswe ama Leaf evile ku 100 000, kanti naseNingizimu Afrika kubonakala le moto iyithola indawo yayo kancane kancane
Lapha ukudayiswa kwale moto kuqale eGoli nasePitoli lapho sekufakwe khona nezindawo abashayeli bale moto abazokwazi ukuba kuzo bagcwalise ama battery njengoba ibattery yayo igcwaliswa njalo emuva kwebanga elithile.
Lezi zindawo zibizwa ngama quick charge stations. Okwamanje kwa Nissan bathi le moto ikwazi ukusuka ku 0 ifinyelele ku 100km/h ngemizuzwana engu 11.5 kanti ijubane layo eliphezulu ligcina ku 144km/h. Ibattery ye Leaf kumele ihlale kwishaja amahora angu 7 ngaphambi kokuthi imoto uhambe ngayo lokho okukunika ibanga elingamakhilomitha angu 195.
Amagaraji athile eGauteng adayisa iLeaf asenazo izindawo zokushaja ezingakhokhisi mali kubanikazi balezi zimoto futhiezivulwa ubusuku nemini njengamagaraji ajwayelekile ka petrol. Inani layo liyakhalisa kodwa kwa Nissan bathi izimoto ezincintisana ne Leaf zibiza R484 000 ezisebenzisa upetrol nenjini elinganayo kanti lezo ezingama hybrid zibiza R505 000.
Ngaphambi kokuba iLeaf iqale ukudayiswa kuleli kwa Nissan bayethula kuhulumeni nakwaboMnyango wezeMvelo okungangokuba kukhona ezinye zezimoto ezisetshenziswa yilo mnyango ngenhloso yokugqugquzela ukongiwa kwemvelo. Amanye amagaraji azodayisa iLeaf azofakwa eThekwini naseKapa ngo 2014 kube nezindawo zokushaja.
ILeaf iphuma ne service plan yeminyaka emithathu emuva kwebanga elingu 90 000km kanye ne warranty yeminyaka emithathu emuva kuka 100 000km.
Iservice kumele yenziwe njalo emuva kwebanga elingu 15 000km.
INANI
R470 000