INTATHELI YESOLEZWE
KWEQE iziboshwa ezintathu eziyingozi ebezisatokile izolo esiteshini samaphoyisa eBellair, eThekwini.
Amaphoyisa asexwayise umphakathi ngobungozi balezi zigebengu esinye sazo ebesiboshelwe icala lokubulala. Okhulumela amaphoyisa uColonel Jay Naicker, uthe kusolwa ukuthi lezi ziboshwa zivule imbobo odongeni zaphuma ngayo.
“Amaphoyisa abehlola izitokisi ngesikhathi ethola ukuthi lezi ziboshwa sezeqile,” kusho uNaicker.
Iziboshwa ezeqile nguVusi Gumede, Bheki Ngosi noSiya Dlamini. Kuthiwa uGumede uboshelwe icala lokubulala, uNkosi elokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanti uDlamini waboshelwa ukutholakala nempahla eyebiwe.
“Sekuvulwe icala lokweqa eliphenywa esiteshini samaphoyisa eBellair. Lezi zigebengu ziyingozi kakhulu. Siyanxusa umphakathi ukuthi ungazami ukuzibambela mathupha uma kwenzeka uhlangana nazo,” kugcizelela uNaicker.
UMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Mmamonnye Ngobeni uzwakalise ukudumala ngalesi sigameko.
“Sizokwenza isiqiniseko sokuthi lezi zigebengu ziyaboshwa. Sizosebenzisa wonke amandla esinawo nobuchule esinabo ukuze bagcine ejele, bajeze ngalesi senzo sabo,” kusho uLieutenant Ngobeni.
Abanolwazi ngokweqa kwalezi ziboshwa bayacelwa ukuthi bashayela amaphoyisa aseBellair ku-031 451 2826 noma imaphi aseduze. Bangashayela nasenombolweni yokubika ubugebengu ethi: 08600 10111.