CELANI SIKHAKHANE
ZIYAVEVA iziboshwa zaseJele laseWestville, eThekwini, ngokucwila ezikweletini ezithi kudalwe amathelevishini angaphakathi okuthiwa aziwakhokhele ngoba ayaqashisa awaphumi kuhulumeni.
Ezinye zeziboshwa sezitshelwe ukuthi zisalele emuva ngezinyanga eziyisihlanu ngakho kumele ziyikhokhe yonke imali eziyikweletayo ukuze zikwazi ukuqhubeka nokubuka amathelevishini.
“Sekuphele cishe iminyaka engaphezulu kwemihlanu sikhokhela amathelevishini ngaphakathi. Imali esiyikhokhayo ihlukanisiwe kuya ngokuthi inkulu kangakanani ithelevishini efakiwe. Kukhona engu-37 cm esiyikhokhela u-R40 bese kuthi enkulu engu-51 cm siyikhokhele u-R47 ngenyanga. Okubi ukuthi kwayona le mali siyikhokha ngenyanga isiphindwe kathathu ngoba imindeni yethu ikhokhiswa ngekhadi langaphakathi enikezwa lona imali engu-R140 ku-51 cm bese kuthi u37 cm ubize–R110 njalo ngenyanga.
Iziboshwa sezize zaduba ngisho ukukhokha ngoba zithi zisola ukuthi kukhona izikhulu ezithile esezizakhela inzuzo ngokuqashiswa kwamathelevishini.
Lo msindo weziboshwa kuthiwa uholele ekutheni kube nomhlangano wezikhulu zejele obuseChurch Hall.
Iziboshwa ezihlala ngobuningi egunjini kuthiwa imindeni yazo iyayihlanganisela le mali kukhishwe inani elithile kuze kuhlangane
edingekayo kanti ezihlala ngazodwa zithwala kanzima ngoba ziyikhipha injalo ngokukhokhelwa imindeni yazo.
Kukhalwa nangokuthi la mathelevishini uma efile ziyaphela noma izinyanga ezintathu ingabuyile kodwa ngenyanga imali yokuyibuka idingeka iphelele.
“Sifuna ukwazi ukuthi ngabe le nto yenzeka eWestville kuphela yini noma ingumgomo kahulumeni ukuthi iziboshwa zikhokhele izinto zasejele. Okokuqala asisebenzi, abanye bethu baphuma emindenini ehluphekayo kodwa ephoqelekayo ukuthi ngaleyo mali yesinkwa izofakwa lapha ukuze sikwazi ukubuka amathelevishini,” kukhala isiboshwa.
Ukhomishana wamaJele KwaZulu-Natal, uMnuz Mnikelwa Nxele uthe lolu daba bayaluphenya ukuze bathole kabanzi ngokukhuliswa kwamanani akhokhwa iziboshwa ngamathelevishini.
“Ngaphandle kwalokho sinenkontileka nesitolo sakwa-Teljoy lapho sinesivumelwano sokusebenzisana ngokuqasha izimpahla zabo njengawo amathelevishini. Esikutholile ukuthi iziboshwa azisafuni ukukhokhela la mathelevishini ngoba zikhala ngokuthi zikhokhiswa imali ephindiwe ngokungemthetho. Lolu daba sizoluphenya kabanzi sithole ukuthi ngabe obani abathintekayo,” kusho uNxele.
Ukhale ngokuthi lesi simo sibeka kabi igama laseWestville emphakathini ekubeni uhlelo lokuqashwa kwamathelevishini balwenze nesitolo sakwaTeljoy ngaphansi kwesigaba somthetho wezokuHlunyeleliswa kweziMilo obagunyazayo ukuthi baqashe impahla ngaphandle.